AKANELISEKILE ngesigwebo esinikwe umbulali, unina wendodakazi eyabulawa ngesihluku wumyeni wayo, isidumbu sayo esatholwa sinamanxeba awu-13 sivalelwe endlini, KwaMakhutha, silaliswe echibini legazi ngoJuni nyakenye.
AKANELISEKILE ngesigwebo esinikwe umbulali, unina wendodakazi eyabulawa ngesihluku wumyeni wayo, isidumbu sayo esatholwa sinamanxeba awu-13 sivalelwe endlini, KwaMakhutha, silaliswe echibini legazi ngoJuni nyakenye.
INkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesine, igwebe uSibusiso Mvubu (39) udilikajele ngecala lokubulala umkakhe, uNkk Philisiwe Mvubu (47).
Unina kamufi, uNkk Regina Mnyandu, ekhuluma emva kokugwetshwa kukaMvubu, uthe nakuba ekhala ngokuthi isigwebo sincane kodwa kumthoba inhliziyo ukuthi, ekugcineni, useze wagwetshwa.
“Ngikhululekile khona ngoba sekuze kwafika esiphethweni sokuthi agwetshwe. Noma ngikhala ukuthi isigwebo sincane kodwa uyitholile le nto abeyifuna. Ngibonga lokho nje, nakuba ingane yami ingeke iphinde ivuke,” kusho uNkk Mnyandu.
Lethula isigwebo, iJaji uPoyo Dlwati, lithe akukho okuphoqe inkantolo ukuthi igudluke esigwebeni esibekelwe amacala abucayi afuze leli.
“Izinkantolo kumelwe zibonwe njengengxenye elwa nodlame lwangokobulili, lokho kuyobonakala kuphela uma inkantolo ikhipha isigwebo esiqinile. Umphakathi ufuna ukubona abesifazane bekhululekile, bezikhethela izinqumo zabo ngaphandle kokwesaba labo abahlekisana nabo. Umphakathi uyafuna ukubona izigilamkhuba zinikezwa izigwebo ezoshubile kulesi sihlava esibukeka sibhebhetheka kuleli,” kusho uDlwati.
Laba abashadile, kuthiwa bese beneminyaka eyisishiyagalombili bendawonye kanti uNkk Mvubu kwavela ngesikhathi kwethulwa ubufakazi ukuthi wayeke wazama ukufaka isehlukaniso nomyeni wakhe kodwa wenqaba (umyeni). Isidumbu sikaNkk Mvubu satholwa ngomakhelwane sivalelwe endlini yabo KwaMakhutha, emva kwezinsuku eziyishumi.