OWAYENGUMENGAMELI uMnzu uJacob Zuma, okungakacaci ukuthi uzogcina evunyelwe yini ukungenela ukhetho oluzayo, uthi akukho okuzomvimba ukuthi aphinde aphathe leli zwe.
UZuma uthe uma abantu bakuleli bemcela ukuthi aphinde abe umengameli, uzovumela phezulu.
Lokhu ukusho ngesikhathi kulalelwe icala lapho iMK imangamele inhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), ikhala ngokukhishwa kukaZuma ohlwini lwabaholi abaya ePhalamende.
Icala belilalelwe izolo eNkantolo yezoKhetho, isinqumo sizophuma namhlanje.
Igama likaZuma, elivela phezulu ohlwini lweMK, lakhishwa ngemva kwezikhalazo zabantu ababekhononda ngokuthi umthetho awumvumeli uZuma ukuthi aye ePhalamende.
Umthetho awumvumeli umuntu oke wagwetshwa isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezingu-12 ebhadla ejele ukuba angenele ukhetho.
Ngo-2021 uZuma walahlwa yicala lokudelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
UZuma utshele abebezomeseka ngaphandle kwenkantolo ukuthi i-IEC ayinawo amandla okukhipha igama lwakhe ohlwini, wathi iPhalamende kuphela elingakhipha igama lakhe.
“Umsebenzi we-IEC ukuthi babale amavoti, bese beyasho ukuthi ngubani owinile. Umsebenzi wabo uphela lapho.Kabayeke ukwenza umsebenzi okufanele wenziwe iPhalemende.”
UZuma, owakhishwa kwesikamengameli singakapheli isikhathi sakhe, uthe awukho umthetho omvimba ukuthi aphinde abe umengameli.
Uthe nakuba uMthethosisekelo uthi akekho umuntu ovumelekile ukuthi aphathe isikhathi esingaphezu kwamahlandla amabili, akekho ongama endleleni yakhe uma evotelwa ngabantu.
“Phela sibuswa ngentandoyeningi, akekho umuntu ongavimba intandoyeningi.”
UZuma uthe isigaba soMthethosisekelo asimchaphazeli yena ngoba waphuma engakaliqedi ihlandla lesibili, futhi akamele i-ANC okhethweni oluzayo.
“Abantu bayakhohlwa ukuthi mina ngakhishwa lapha ngingakaqedi. Kukhona into engisafuna ukuyiqedela lapha. Akekho ozongivimba. Ngeke basithinte laba. Abasazi, basizwa ngendaba.”
Ngesikhathi kuqulwa icala, i-IEC ithe iMK yayivele icuphe uchuku ngokufaka igama likaZuma ohlwini lwabaya ePhalamende.
Emaphepheni asenkantolo i-IEC ithe abeMK bafaka igama likaZuma ekubeni bazi kahle kamhlophe ukuthi umthetho awumvumeli uZuma ukuba angenele ukhetho.
Abe-IEC bathe kuyabakhathaza ukuthi kube namalungu eMK asabisa ngodlame uma uZuma ekhishwa ohlwini.
Insongo zenziwa amalungu eMK aqavile, umholi wophiko lwentsha, uBonginkosi Khanyile, novela ohlwini lwabaya ePhalamende, uMnuz Visvin Reddy.
Abe-IEC bathe izinsongo zikhombisa ukuthi abeMK bacuphe uchuku. Kepha lokhu kuchithiwe ngummeli weMK, u-Advocate Dali Mpofu, osole i-IEC ngokuzama ukungcolisa igama likaZuma neleMK.
UMpofu uthe i-IEC ikhombisa ukuba nenkinga noZuma. Uthe umthetho awumvimbi uZuma ukuthi angenele ukhetho ngoba akazange adonse izinyanga ezingaphezu kwezingu-12 esejele.
Isigwebo sikaZuma sahoxiswa nguMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, esadonse izinyanga ezintathu.
Ummeli we-IEC, u-Advocate Tembeka Ngcukaitobi, uthe ukuthi uZuma wadedelwa engakasiqedi isigwebo sakhe akukushintshi ukuthi wagwetshwa izinyanga ezingu-15.
UNgcukaitobi uthe uRamaphosa akanawo amandla okunciphisa isigwebo sikaZuma, wathi inkantolo kuphela engakwazi ukusinciphisa.
Uthe uZuma kufanele alinde iminyaka emihlanu ukuze akwazi ukungenela ukhetho.