UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, umshayele ihlombe uLalela Mswane (24), ngenkathi ethatha isicoco sikaMiss South Africa 2021, emcimbini obuseKapa.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngeSonto, uNdunankulu uthe: “ Njengabantu baKwaZulu-Natal nohulumeni, sifisa ukuhalalisela uLalela. Sihalalisele umndeni wonke nomama wakhe njengoba besisanda kukhuluma naye. IKwaZulu-Natal iphumelele. Siyayibongela indodakazi yethu njengoba engunobuhle ozoqhubeka ayosimela nakuMiss Universe. Simfisela inhlanhla naphambili,” kusho uZikalala, obehluleka nawuzibamba yinjabulo.
Imeya yaseMfolozi, uMnuz Smanga Mgenge, lapho eqhamuka khona uLalela, ithe bajabule kakhulu ngokunqoba kwakhe isicoco.
“ ULalela uqhamuka oNtingweni, KwaSokhulu okuyisigodi esingathuthukile. Njengehhovisi lemeya sizomamukela ngezandla ezifudumele futhi kukhulu esizomenzela khona. Akanqobelanga thina kuphela kodwa nesifundazwe iKwaZulu-Natal yonke. Impumelelo yakhe izogqugquzela namanye amantomabazane asemancane ukuthi angabheki isimo aqhamuka kusona kodwa aphokophele phambili,” kusho uMgenge.
Abanye abangene endaweni yesibili neyesithathu kuMiss South Africa kube, nguZimi Mabunzi noMoratwe Masima abebephahle uLalela othathe isicoco.
ULalela oneziqu zokuba ngummeli uhlabane ngemali enguR1 million nezipho ezingaphezulu kukaR3 million, umuzi osezingeni eliphezulu azohlala kuwona oseCentral Square Sandton onemphahla esezingeni njengoba unefenisha yeVursa, neMercedes Benz C-Class Sedan azoyisebenzisa unyaka wonke njengoba esaphethe isicoco.