Afunga ayagomela ukuthi azobuyela ePhalamende, amalungu eqembu Umkhonto weSizwe, okwahoxiswa ubulungu bawo yileli qembu.
La malungu angu-10 ayise leli qembu enkantolo, athe awafudumezeli muntu izihlalo zawo asazobuyela yingakho enqume nokuya enkantolo enkulu yaseWestern Cape, ngoba efuna ubulungiswa.
Angu-18 amalungu aleli qembu okwahoxiswa ubulungu bawo yiMK ngoJulayi.
UMnuz Thami Khuzwayo, owayehola uphiko lwezitshudeni lweMK, okhulumele amalungu aye enkantolo esithangamini sabezindaba izolo, uthe abayi ndawo bona eqenjini futhi basazobuyela ePhalamende.
“Siyakwamukela ukufika kwabantu abafana noMnuz Floyd Shivambu, obeyiphini likamengameli le-EFF. Kodwa akekho ozothatha izihlalo zethu. Siye enkantolo ngoba sifuna kuxazululeke lolu daba.”
Uveze ukuthi kunabantu okubalwa uSotswebhu waleli qembu ePhalamende uMnuz Sihle Ngubane, indodakazi yomholi weMK uMnuz Jacob Zuma, uDuduzile, umkhulumeli weqembu uMnuz Nhlamulo Ndhlela nabanye abaxova iqembu.
“Sizolwa kuze kube sekugcineni. Asiyanga kwiMK ngenxa yezikhundla kodwa silwa ngoba nabanye kuyobenza okusenzile. Uma singalwi kuyophela ngeMK. Siyalithanda iqembu, salijoyina ngenxa kaZuma owayehlushwa yi-ANC. Ngeke sililaxaze manje, okunalokho sifuna kukhishwe abaxovayo.”
IPhalamende limise ukufungiswa kwamalungu amasha eMK kuze kuxazululwe lolu daba enkantolo.
Icala kulindeleke ukuthi libuyele ngoSepthemba 3, 2024 kanti la malungu angu-10 afuna kubuyekezwe nendaba yokuhoxiswa kwawo.