UMA ufuna ukuthola ukwesekwa ngamavoti okhethweni lukazwelonke ngoMeyi 29, kumele umkhankaso wakho uwubhekise kwabesifazane kanjalo nentsha.
Abesifazane bangu-15 million emqulwini wokuvota kuthi intsha eneminyaka engu-18 kuya ku-39 ingu-11.7 million.
Umkhankaso wakho kumele ugxile ezifundazweni ezinkulu ngabavoti, iGauteng, ilandelwe yiKwaZulu-Natal kuthi endaweni yesithathu kube yi-Eastern Cape.
Lezi zibalo zivezwe yikhomishini yezokhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), eveze ukuthi bangu-27.79 million abantu ababhalisele ukuvota.
UMnuz Sy Mamabolo, isikhulu esiphezulu sekhomishini, uveze ukuthi abesifazane yibona abaningi ohlwini lokuvota uma uqhathanisa nabesilisa.
Uthe abesilisa benza u-45% ohlwini lokuvota okusho ukuthi bangu-12 million.
Uveze ukuthi ngenxa yomthetho ovikela ulwazi, iProtection of Personal Information (POPI) Act, kucishwe ingxenye yezinombolo zomazisi.
“Umqulu wezokhetho ukhulile uma uqhathanisa nokhetho lwango-1999, owawunabavoti abangu-18.17 million, kwathi ngo-2014 waba nabavoti abangu-25.39 million. Ngo-2019 wenyuke waya ku-26.74 kanti kulolu khetho bangu-27.79 million.”
Uthe amazwe anabantu abaningi abahlala kwamanye amazwe kubalwa iLondon ngabangu-19 525, The Hague (5 574), Canberra (2 609), Dubai (2 574), Dublin (2 342), Wellington (1 668), Abu Dhabi (1 416), New York (1 379), Washington (1 228) neBerlin (1 188).
IGauteng inabantu abangu-6.5 million ababhalisele ukuvota, iKZN bangu-5.7 million, kuthi e-EC bangu-3.4 million.
UMasipala waseGoli yiwona onabantu abaningi ababhalisele ukuvota ngo-2.3 million. Kulandela uMasipala waseKapa ngo-2.1 million, endaweni yesithathu kulele uMasipala weTheku ngabangu-1.9 million.
Kuke kwakhalwa ngokugqoza kwentsha ebhalisele ukuvota kuleli.
Amaqembu ezombusazwe aze aphuma umkhankaso ne-IEC, kunxenxwa intsha ukuthi ibhalise.
NgoLwesihlanu umnqamulajuqu wokuthi labo abazobe bengekho ezindaweni abajwayele ukuvotela kuzona, bazise ikhomishini.
Kulolu khetho ngeke ukwazi ukuvota endaweni ongahlali kuyona ngaphandle kokwazisa ikhomishini njengoba phambilini ubungaya noma yikusiphi isikhungo sokuvota ufike uvote.
Kuzobe kungokokuqala ukuthi abangenela ukhetho ngokuzimela babe yingxenye yalolu khetho lukazwelonke.