UHLANGOTHI lukaMntwana uSimakade kaZwelithini, ophosela inselelo isihlalo sobukhosi, luthi kube nokubhimba ngendlela okuphume ngayo isicelo soxhaso lwemali yecala esindiza kwiFacebook.
UMntwana uSimakade uyindodana yeSilo esakhothama, uZwelithini kaBhekuzulu, kanti usaqhuba umbango wesihlalo futhi nonyaka kubhekwe ukuthi udaba lungene enkantolo.
Icala lombango wesihlalo kulindeleke ukuthi lingene eNkantolo eNkulu eNorth Gauteng ngoMeyi 31, kuya kuJuni 2 nonyaka. Kulindeleke ukuthi izinhlangothi zombili zenze izethulo ezithebeni zenkantolo.
Umbango waqubuka ngemva kokukhothama kweSilo esidala kwaze kwayofakwana ezinkantolo. Kumanje kuhlezi iSilo uMisuzulu kaZwelithini esihlalweni, esivunwe yizinkantolo nohulumeni. Nakuba kunjalo kodwa uMntwana uSimakade usamile ekutheni ngesakhe isihlalo.
Kunombhalo osabalele lapho kuthiwa inhlangano, iSimakade kaZwelithini Foundation, icela noma ngubani ukuthi aphose esivavaneni axhase ngemali yezindleko zecala.
Embhalweni kunemininingwane yasebhange lapho abaxhasi abangafaka khona imali.
Umbhalo uhambisana nesithombe sikaMntwana uSimakade, okuthiwa ucelelwa uxhaso.
Obekudida abantu ezinkundleni zokuxhumana wukuthi uMntwana uSimakade wake wacashunwa abezindaba ethi, unezinto zakhe akancenge lutho lwamuntu yena.
Okhulumela uhlangothi lukaSimakade, uMntwana uMandla Zulu, uthe bayazi ngalokhu kodwa kukhona okungahambanga kahle khona.
“Kukhona othile nje onentshisekelo ngesihlalo owenze lokhu kodwa sikuxoxile ukuthi kufanele sikuhoxise ngoba akulandelwanga imigudu efanele. Udaba lwesihlalo luphethwe yiNdlunkulu uma kudingeka imali yiyona ezokhuluma ukuthi kufanele kume kanjani,’’ kuchaza uMntwana uMandla.
Uthe bayakuqonda ukuthi njengoba kunecala kuzoba nezindleko futhi zingase zikhule kodwa kufanele izinto zisingathwe ngendlela efanele hhayi ngobudlabha.
Uthe bahlela ukuthi babize isithangami sabezindaba lapho bezokwazisa khona izwe ngemidanti yecala ukusuka nokuhlala. Uthe lapho bayobe bechaza kabanzi ukuthi bamangalela bani, maqondana nani nemininingwane yonke.