AMALUNGU ePhalamende ahlaba ikhwelo lokuthi baqhubeke basebenze ngokugcwele abasizi bothisha ezikoleni zakuleli, ukwehlisa umthwalo obhekene nothisha nsuku zonke.
Bathe abasizi abaqashwe ngaphansi kohlelo lukamengameli lokwakha amathuba emisebenzi, benze umsebenzi omuhle kakhulu futhi bawusizo.
USihlalo wekomiti leMfundo eyisiSekelo ePhalamende, uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, uthe abasizi bothisha benza kube lula ukusebenza ezikoleni.
Uthe nakwezinye izikole, okubalwa ezizimele kanjalo nezabakhubazekile, bakhona abasizi bothisha.
“Ngihlaba ikhwelo emnyangweni ukuthi uyibheke eyokubagcina labo thisha ngokugcwele, ngoba benze umsebenzi omuhle. Sikushayele ihlombe ukuthi kwakhiwe amathuba emisebenzi engu-18 000 entsheni ebihleli emakhaya.”
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi izikhulu zomnyango zivele ngaphambi kwekomiti leMfundo eyisiSekelo ePhalamende.
Namanye amalungu ahambisane nesiphakamiso, athi labo thisha bawusizo.
UMqondisi jikelele emnyangweni, uMnuz Mathanzima Mweli, uvumelene namalungu ePhalamende, wathi yinto osekunesikhathi beyikhuluma.
Uthe wudaba uNgqongqoshe woMnyango, uNkk Angie Motshekga, uselufake kaningi kwiKhabhinethi.
“Yinto esesiyixoxe nomnyango kamgcinimafa, okuyiwo okhipha imali, yaphinde yaya nakwiKhabhinethi ngoba siyabadinga laba basizi. Benze omkhulu umehluko laba basizi ezikoleni zethu. Yingakho ngithi Amen, siyabadinga ukuthi baqhubeke basize ezikoleni.”
Abasizi basebenza izinyanga ezimbalwa, bese kuqashwa abanye ukuze bathole amathuba emisebenzi.
Okunye okukhalwe ngakho ngukuthi labo asebeke basebenza ngaphansi kohlelo abavumelekile ukuthi baphinde basebenze ngaphansi kwalo uhlelo, okunalokho kuthathwa abasha.
Kwenzeka lokhu nje ngeSonto kuvalwe ukufakwa kwezicelo kwabafuna ukusiza ezikoleni.
Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe bavale sebethole izicelo ezingaphezu kuka-12.3 million zentsha efuna ukuba yingxenye yohlelo.
Uthe njengoba sekuyihlandla lesine beqasha intsha, sebakhe inqwaba yamathuba emisebenzi entsheni, ephakathi kuka-18 no-34.
“Laba basizi bazoqala ngonyaka ozayo. Babalelwa ku-250 000 abazothathwa. Sinxusa ukuthi izilungisele (intsha) ukuthi ihlonywe imibuzo. Lokhu kuzokwenzeka esontweni lokugcina ngenyanga ezayo.”
Uthe abazobizwa kumele baphathe ama-CV, ikhophi kamazisi, eyeziqu nezitifiketi.