ABAHOLI be-IFP bathembise ukuhamba ezinyathelweni zomsunguli weqembu ongasekho, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, uma benqoba ukhetho KwaZulu-Natal.
Abaholi be-IFP nomndeni wakwaButhelezi bazibophezele ekuqinisekiseni ukuthi izifiso zikaButhelezi ziyafezwa.
Lokhu bakwenze ngesikhathi kunomcimbi wokwethula umqulu wezethembiso zokhetho obuhlelwe ubuholi be-IFP KwaZulu-Natal.
Umcimbi ubusePrince Mangosuthu Buthelezi, oLundi, ngeSonto.
Ogaqele isikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe bafuna ukuthi imizamo kaButhelezi yokuthuthukisa isifundazwe ingashabalali.
Kuzobe kungokokuqala i-IFP iya okhethweni uButhelezi engasekho.
“Namuhla njengamalungu eNkatha nesizwe, ngaphandle koMntwana ongasekho phakathi kwethu, simelwe wukuthatha isinqumo. Lesi sinqumo akusona nje esethu kuphela kepha ngesezizukulwane ezizayo. Ukwenza, nokungenzi kwethu nonyaka lapho siya okhethweni kuyoqopha lokho esikufisayo ngesikhathi sethu kanjalo nalokho esikufisela izizukulwane ezizayo.”
UNtuli wethule amaphuzu aw-15 abazowabeka eqhulwini uma benqoba ukhetho KwaZulu-Natal.
Uthe bafuna ukubuyisela ezomnotho ezandleni zabantu bendawo ngokuqinisekisa ukuthi izipaza namanye amabhizinisi amancane kuphathwa abantu bakuleli.
Uthe bafuna ukuvuselela kabusha ibhange iThala.
“UMntwana wakwaPhindangene nohulumeni owawuholwa yiNkatha wasungula ibhange labantu abampisholo iThala, ukulekelela kakhulu abantu ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini, ukusungula amabhizinisi, okwaholela ekudalweni kwamathuba emisebenzi.
“Uhulumeni lona okhona we-ANC usuhluleke wancama ukuqhuba umbono wokusungulwa kwebhange iThala. IThala lingumbono we IFP owehlukile kuyoyonke i-Ningizimu Afrika. Uhulumeni we-ANC lapha KwaZulu-Natal usubeke leli bhange engozini yokuthi livalwe, emva kweminyaka abaholi be-ANC bezicebisa bona kanye nobhululu babo. Uhulumeni we-IFP, uzokhuphula izinga laleli bhange, libe yibhange likahulumeni, elinomsebenzi omqoka wokufukula abantu bakithi emakhaya nasemalokishini.”
UNtuli ukhale ngokuzithwala kwabaholi abaphethe uhulumeni waKwaZulu-Natal, wathi bahluleka ukuzithoba ngisho naphambi kweSilo.
Ubalule isigameko lapho uMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, uMnuz Siboniso Duma, ahlwitha undunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, umbhobho phambi kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
UNtuli uthe uDuma wakhombisa ukuzithwala.
“Ungqongqoshe ophucana umbhobho. Ukube ulana mhlawu,be ngabe nami usengiphucile umbhobho. Ngiyathemba namuzwa epikla phambi kweSilo, ethi uhulumeni unamandla. Uma sesingene emandleni, sizokuqeda lokhu kokuzithwala.”
Inkosi uNtuthukoyezwe Zuzifa Buthelezi, uthe bazoqhubeka nokulwela izifiso zikaButhelezi.
“Sizolokhu sisebenza nani, sizolokhu simile lapho uMntwana asishiya khona.”
Uthe abakungabazi ukuthi i-IFP izonqoba KwaZulu-Natal.
“Asinalo uvalo ngawe njengoba ukhethiwe. Siyazi ukuthi njengoba kuzovotwa ngomhla ka-29, uzongena.”
IMeya kaMasipala wesifunda iZululand, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ithe bazolanda amandla oLundi, okuyindawo okulele kuyo uButhelezi.