YIZE kubukeka sengathi iyagqoza imihlangano yamagatsha e-ANC KwaZulu-Natal, yokuphakamisa amagama abantu abazongenela umbango wezikhundla engqungqutheleni ngoDisemba, ubuholi be-ANC esifundazweni buthi amagatsha akhona azokwazi ukuhlangabezana nomnqamulajuqu obekelwe wona ukuthi abe nemihlangano.
Amagatsha e-ANC asalelwe yisikhathi esingaphansi kwamasonto amabili ukuba nemihlangano yawo njengoba ukuhlangana kuvalwa ngo-Okthoba 25.
Akucaci ukuthi lizophinde lilulwe yini ithuba lemihlangano njengoba kwakufanele livalwe ngo-Okthoba 2 kepha labuye lalulwa ngenxa yokugqoza kwemihlangano.
E-KZN abaholi bamagatsha bakhale ngokugqoza kwemihlangano.Abaningi bakhale ngokuthi imihlangano igcina ibhuntsha ngenxa yokungafiki kwesibalo sabantu abanele emihlanganweni.
Okhulumela i-ANC eKZN, uMnuz Mafika Mndebele, uthe imihlangano eminingi ibanjezelwe wubuhixihixi bezobuchwepheshe.
Uthe inkinga isilungisiwe, amagatsha amaningi asebe nayo imihlangano yawo.
“Inkinga bekuwukuthi umthetho obukhona ubuthi i-scanner kufanele sivalwe uma kuze kuphela amahora ayisithupha umhlangano ungaqalile. Lokhu bekusho ukuthi umhlangano uyabhuntsha uma kuwukuthi kuphela amahora ayisithupha kungakafiki isibalo sabantu abanele, ukuthi kube nomhlangano.“Sibe nengxoxo noMnuz Paul Mashatile, osabambe ehhovisi likanobhala jikelele, sabe sesiyalulwa isikhathi. Manje isikhathi sekuba ngamahora angu-12. Emva kokululwa kwesikhathi sibone amagatsha amaningi ekwazi ukuba nemihlangano yawo.”
Kunamalungu e-ANC asaba ukuthi angagcina ehlulekile ukuba nemihlangano yawo, okusho ukuthi ngeke abe sengqungqutheleni ngoDisemba.
“Egatsheni lami sesizamile kabili. Ngaleya mpelasonto umhlangano wabhuntsha, nakule mpelasonto uphinde wabhuntsha ngenxa yokungafiki kwesibalo sabantu abanele,” kusho umholi wegatsha ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa.
Kepha uMafika uthe bazokwazi ukuhlangabezana nomnqamulajuqu.
“Akuwona wonke amagatsha azogcina ebe nomhlangano, akuwona wonke azokwazi ukuthola isibalo sabantu abanele ukuthi abe nemihlangano. Kuzobe kungaqali ukuthi kube khona amagatsha ahluleka ukuba nemihlangano. Kuhlezi kwenzeka. Thina esikushoyo wukuthi imihlangano iyaqhubeka futhi sizohlangabezana nomqamulajuqu.”
Umbango wokuhola i-ANC kulindeleke ukuthi ube phakathi kukaMnuz Cyril Ramaphosa, ofuna ukubuya ihlandla lesibili, noDkt Zweli Mkhize.Elinye igama elivelayo ngelikaDkt Nkosazana Dlamini Zuma.