AMALUNGU ePhalamende axoshwa yi-MK afuna isinxephezelo kuleli qembu nakumholi walo, uMnuz Jacob Zuma, aphinde afune nemali yawo ayifaka kwi-akhawunti kaZuma.
Amalungu eMK axoshwa maphakathi nonyaka athi ukuxoshwa kwawo ePhalamende kwawaphuca isinkwa emlonyeni, afuna isinxephezelo ngalokho.
La malungu afake icala lapho efuna kumiswe ukusebenza kwe-akhawunti ye-MK nekaZuma kuze kuba kulalelwa icala lapho efuna isinxephezelo.
Abafake icala uMnuz Thami Khuzwayo, Mnuz Isaac Menyatso, Mnuz Citron Motshegoe, Mnuz Augastina Qwetha, Nksz Nomado Mgwebi, Nksz Ntombenhle Mkhize, Mnuz Sydwell Masilela, Mnuz France Mfiki, Mnuz Senzo Dlamini, noNksz Agnes Mogotsi.
Bonke laba baxoshwa kwi-MK, besolwa ngokuthi bangena ngopotsho ohlwini lwamalungu eMK ajutshwe ePhalamende. Bazama ukukuphonsela inselelo enkantolo ukuxoshwa kwabo kodwa iNkantolo eNkulu eWestern Cape yabachitha.
Manje la malungu asefake elinye icala eNkantolo eNkulu eGoli. Emaphepheni asenkantolo, uKhuzwayo uthe bebehola o-R102 000 ngenyanga ngesikhathi bengamalungu ePhalamende.
Uthe babekade beshiye imisebenzi yabo ngesikhathi beqokelwa ukuba babe amalungu ePhalamende.
UKhuzwayo uthe ukuxoshwa kwabo kubashiye belambatha, befana nezinkukhu ezibaleka zinqunywe amakhanda.
“Lesi simo sisidalele izinkinga kwezezimali thina nemindeni yethu. Ukuba uZuma akazange agile le mikhuba ngabe asikho kulezi zinkinga zemali esibhekene nazo. Lesi simo yiso esisiphoqa ukuba sifune ukunxephezelwa emalini ezotholakala kwi-akhawunti yeMK nakwekaZuma.”
UKhuzwayo uthe akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi bexoshwa.
Esicelweni sawo, amalungu aphinde abalise ngo-R10 000 athi babafaka kwi-akhawunti kaZuma.
UKhuzwayo uthe onke amalungu eMK ePhalamende ayenxenxwe ukuba afakele uZuma o-R10 000 emva kokuhola.
“Le mali sasiyifaka njengophawu lokwethembeka kuZuma. Sasinethemba lokuthi uZuma uzoyisebenzisa ngendlela elungile le mali. Ngeshwa ke uZuma usebenzise yona le mali ukuhlakaza iqembu.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, ayizange iphumelele. Nemiyalezo athunyelwe yona akayiphendulanga.
I-MK inikezwe kuze kube uNovemba 15, ukuba ifake amaphepha aphikisa isicelo sala malungu.
Icala lizolalelwa ngoNovemba 19.