AMANAZARETHA avunwe yisinqumo secala athi akusekho okuwavimbayo ukuthi angene eBuhleni njengoba iNkantolo yoMthethosisekelo ivune umholi osakhothama iNkosi Vela iMisebeyelanga Shembe ukuthi nguyena umholi ofanele webandla.
Lokhu kuvele esithangamini sabezindaba ebesise-Urban Lodge, eThekwini izolo.
UMnuz Nkululeko Mthethwa okhulumela iNkosi Phinda uKukhanyakwelanga Shembe ongene esikhundleni seMisebeyelanga ngesikhathi ikhothama, uthe bebelinde ukuthi kuphele icala bese kuyacaca. UMthethwa ubehola lesi sithangami nesithenjwa sebandla lamaNazaretha uMshumayeli Chancey Sibisi.
“Ngenxa yokuthi singamakholwa asizongena ngempi eBuhleni kodwa sizimisele ngokuxoxisana nalo uNyazi ukuthi kungene umholi ofanele. Okwamanje njengoba singakaxoxi nabo, asikakezwa noma uyanqaba yini ukusuka esihlalweni. Uma kungukuthi uyanqaba sizosebenzisa umthetho.
“Nalo uNyazi lungaqhubeka lube wumholi kodwa, hhayi owamaNazaretha futhi akumele lube seBuhleni uma luzimisele ngokuba wumholi. Lungahola ibandla lalo okungelona elamaNazaretha, kwenye indawo ngoba umthetho awusaluvumeli ukuthi luhole amaNazaretha. Ngisho namalungu ebandla angamemukeli umholi osemthethweni kuzobe kusho ukuthi kawasewona amaNazaretha,” Kusho uSibisi.
UMthethwa uthe njengoba icala seliphelile, baxoxisana nabameli ngodaba lwezindleko zecala okumele zikhokhwe wuNyazilwezulu neNkosi yamaQadi uMqoqi Ngcobo njengoba inkantolo inqume kanjalo.
“Amalungu ebandla awathinteki ezindlekweni zecala kodwa uNyazi neNkosi uNgcobo kuphela abayalelwa yinkantolo ukuthi bakhokhe izindleko. Yonke impahla yebandla sifuna ukuyifica injengoba injalo eBuhleni. Uma kukhona okungekho siyobuza ukuthi bakushonisephi njengoba singathathanga lutho ngesikhathi siphuma khona?” kusho uMthethwa.
Uthe olunye udaba abalusukumelayo ngeleNkosi yamaQadi lokuqoka umholi kungafanele. Uthe ngo-2012, bafaka icala ngokuziphatha kwayo kodwa lamiswa ngenxa yokuthi icala belisaqhubeka. Uthe njengoba seliphelile, bafuna ukuyifundisa isifundo ngokuziphatha kwayo. UMthethwa uveze ukuthi bafuna ukuthumela umyalezo kuwona wonke amakhosi ukuthi kumele aziphathe kanjani uma esebandleni lamaNazaretha ngoba akumele angene izindaba zebandla ebe engamakhosi esizwe.