UBUHOLI be-ANC KwaZulu-Natal, buthi buzoqhubeka bumemezele igama lomuntu obuzomeseka embangweni wokuhola le nhlangano engqungqutheleni yangoDisemba.
Lesi simemezelo buzoqhubeka nokusenza yize usihlalo wekomiti lezokhetho kwi-ANC, uMnuz Kgalema Motlanthe, esanda kuxwayisa izinhlaka zobuholi ukuba zipheze ukumemezela amagama abantu ezibesekayo embangweni wokuhola le nhlangano.
Encwadini ayibhalele izinhlaka zobuholi kwi-ANC, uMotlanthe uthe ukumemezela kwezinhlaka amagama abantu ezibesekayo kuwukuhambela phambili amagatsha e-ANC angakaqedi imihlangano yokuphakamisa amagama abaholi afuna bangenele umbango wezikhundla engqungqutheleni.
UMotlanthe uthe izinhlaka kufanele zimemezele amagama ezibesekayo emva kokuphothulwa kwemihlangano yamagatsha.
I-ANC KZN ithi incwadi kaMotlanthe ifike emva kwesikhathi njengoba ithi ezinye izifundazwe sezivele zimemezelile ukuthi zeseka bani.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe bazomemezela ngoLwesibili ukuthi bona baseka bani.
“Siyibonile incwadi kaMotlanthe. Iqiniso ukuthi imigudu ye-ANC iyaziwa. Uma uhlelo lokuphakamisa amagama seluvuliwe, izinhlaka zobuholi eqenjini zinelungelo lokukhuluma ngamagama abantu ezibesekayo. Njengamanje sekuvuliwe ukuphakanyiswa kwamagama. Ingakho ke nathi sesikulungele ukusho ukuthi seseka bani.”
I-ANC KZN isanda kuyalela zonke izifunda ukuba zixoxe ngamagama abantu ezifuna ukuthi bangenele umbango engqungqutheleni yangoDisemba.
UMndebele uthe njengamanje bamatasa bahlanganisa amagama abaphakamisiwe ngesikhathi kuvulwe leli windi.
“Emva kokuhlanganisa wonke amagama, sizobe sesimemezela ukuthi ubani esimesekayo. Kufanele kuqapheleke ukuthi ithina kuphela la eKZN, esivule ithuba kumagatsha ukuba aphakamise amagama abantu ngaphambi kokuthi sisho ukuthi ubani esimesekayo.”
Namhlanje kulindeleke ukuthi kube nomhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC kulesi sifundazwe ozodingida la magama ngaphambi kwesimemezelo sakusasa.
Kulindeleke ukuthi i-ANC KZN iphakamise igama lelungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uDkt Zweli Mkhize, embangweni wokuhola inhlangano.
Lokhu kuza emva kokuthi igama likaMkhize liphakamiswe yizifunda eziningi zakulesi sifundazwe ngesikhathi zinikezwe ithuba lokuthi ziphakamise amagama ezifuna ukuthi bangenele umbango wezikhundla.
UMkhize kulindeleke ukuthi abhekane noMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ofuna ihlandla lesibili.
URamaphosa ubukeka ezihola phambili kulo mjaho njengoba izifundazwe ezifana noGauteng, Eastern Cape, Limpopo, neMpumalanga, seziphumele obala zathi ziyameseka.
Omunye umholi ovela embangweni wokuhola i-ANC, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ofuna ukuzama inhlanhla okwesibili kulo mjaho wokuhola i-ANC kulandela ukwehlulwa kwakhe engqungqutheleni eyedlule.