NKOSIKHONA CELE
ZENZE okungajwayelekile izitshudeni ebezifunda eDurban University of Technology (DUT), ngenhloso yokudala amathuba emisebenzi.
Izitshudeni zivule inkampani zisebenzisa imali ebeziyithola kwiNSFAS, okuyisikhwama esilekelela izitshudeni eziphuma emakhaya adonsa kanzima futhi ezingenayo imali yokukhokhela imfundo ephakeme.
Inkampani ibizwa nge-Amachunu Executive Design, inhloso yayo wukudala amathuba omsebenzi ngokucija amakhono kanti ibunjwe nguMpumelelo Mchunu, Mthobisi Mkhize, Nhlanhla Dimba, Lethuxolo Thwala noNomvula Ndlovu.
Bonke baneziqu ezahlukene abazizuze kuyona enyuvesi. “Ngale mali esasiyithola esikhwameni seNSFAS kuningi esasingakwenza. Savele sayonga, saqala inkampani,’’ kuchaza uMpumelelo Mchunu.
Eqhuba uveze ukuthi inkampani isebenzisana nabantu abasha abaqeqeshwe emikhakheni ehlukene, okubalwa Built Environment, Brand Development, Plan Development, Property Developmemt, Art Development, Interior Design, Deco Design and Event, Architecture, Engineering, Building Material, Furniture Supply neminye.
Udalule nokuthi baziqonda kangcono izingqinamba nezinselelo ezibhekene nabantu abasha.
“Njengoba singabantu abasha siphethe inkampani, siyazi ukuthi abantu abasha kuyabakhathaza ukuzuza iziqu maqede bahlale emakhaya,’’ kuchaza uMchunu.
Eqhuba echaza uthe: “Imali yeNSFAS isilekelele kakhulu, ngikhumbula kahle nokuthi ngo-2019 ngesikhathi siyibhalisa inkampani, sasebenzisa yona le mali.”
Laba bantu abasha banxusa nohulumeni ukuba afake igxalaba ukuze bathuthuke. Bathi bakholwa ukuthi ukusebenzisana kwabo nohulumeni waKwaZulu Natal, kungagcina kudala ukuthi badlondlobale, sikhule nesibalo sabantu abaqashwa yinkampani.
Ngokusungula inkampani uMpumelelo uthe, okuseqhulwini ukudala amathuba emisebenzi kubona bonke abantu abasha abanentshisekelo yokuziphilisa ngokusebenzisa amakhono.