ABAMELI babamangalelwa ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, bathimula bengabhemile ngenkulumo eqoshiwe okuthiwa ummangalewa wesibili, uMnuz Bongani Ntanzi, wahlambuluka kuyona ngokubulala umufi. Ufakazi woMbuso oyimantshi, uNkk Vivian Cronje, ngoLwesibili, uthe kunenkulumo eqoshiwe athi yayiphakathi kwakhe noNtanzi evuma icala.
UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa washona ekubo kwentombi yakhe eVosloorus, eGauteng, ngo-2014. Kule nyanga kuphela iminyaka eyisishiyagalolunye kwabulawa uMeyiwa. Kushushiswa abalisa abahlanu ngalokhu kanti bonke bayaliphika icala.
Kunofakazi ababesendlini ngosuku lwesigameko, abake bamkhomba uNtanzi enkantolo njengokunguyena owabhudulisana noMeyiwa wase emdubula. Imantshi uNkk Cronje ithe yahlala noNtanzi, wahlambuluka futhi inkulumo eqoshiwe icela emahoreni amathathu ubude.
Udaba lwenkulumo eqoshiwe lubangwe kakhulu enkantolo izolo, kwaze kwaphazamiseka ukusebenza. Bekubuye kubonakale iJaji Ratha Mokgoatleng lishubisela abameli babamangalelwa ngesikhathi kubangwa lolu daba.
Bekulindeleke ukuthi uNkk Cronje aphekwe ngabameli ngemibuzo kodwa okugcine kungenzekanga ngenxa yawo umbango wenkulumo eqoshiwe, kuphikiswana ngokuthi izomiswa kanjani indaba yayo, kucashunwa nemithetho
Abameli banikwe ithuba lokuyilalela ingxoxo kodwa bayithimula bathi kabeneme ngayo futhi bazokwenza izethulo zokuphikisana nokuthi ibe yingxenye yobufakazi obuzobhekwa yijaji.
Ummeli u-Advocate Zandile Mshololo, omele ummangalewa wesihlanu, uMnuz Sifisokuhle Ntuli, ukubeke kwacaca ukuthi abeneme ngenkulumo eqoshiwe.
“Siyilalelile yonke inkulumo eqoshiwe nkosi yenkantolo kodwa asivumelani ngokwemukeleka kwayo, cha cha cha kulokho impela asivumi. UMbuso kusafanele uveze ngokusobala konke ngokuqoshwa kwenkulumo,’’ kusho u-Adv Mshololo aze aneke izandla egcizelela.
Ijaji liqinisekise kwabanye abameli kwasukuma u-Advocate Thulani Mngomezulu ommele uNtanzi, wavuma ukuthi udaba lwenkulumo eqoshiwe lunombango. U-Advocate Charles Mnisi omele ummangalelwa wesithathu, uMnuz Mthobisi Mncube, ugcizelele okushiwe ngabanye abameli.
Kuvunyelwane ngokuthi icala liguqe ukuze libuyele namuhla enkantolo khona kuzokwenziwa izethulo.