ABASHAYELI bamatekisi eThekwini, bathi bafisa ukuthi uphinde wehle uphethroli ukuze bezobona umehluko emsebenzini abawenzayo futhi kusimame namaholo abo.
UMnyango wezokuMbiwayo nezaMandla uveze ukuthi uphethroli wehle ngoR2.04 cents ilitha kanti udizili wehle ngo-56 cents. Uphethroli wehle izolo phakathi kwamabili.
UMnuz Syabonga Molefe waseNazaretha, ngasePinetown, uthe kuyamjabulisa ukwehla kukaphethroli kodwa ufisa uqhubeke wehle kakhulu kunalokhu.
“Siyathemba ukuthi kuzoba khona umehluko owenzakalayo uma kuza emalini esiyenza ngosuku njengabashayeli ngoba ngenkathi unyukile uphethroli, besingayiboni inzuzo,” kuchaza uMolefe.
Uthe ngosuku ubethela uphethroli kaR800 futhi nawo usuke ewukhiphe emalini yosuku ekade eyisebenza.
UMnuz Njabulo Mahlinza wasePinetown, uthe kubona njengabashayeli kuyefana nokuthi awehlanga uphethroli njengoba wehle ngemali encane.
“U-R2 imali encane kakhulu, awukho umehluko ongenziwa yile mali.
Le nto iyasilimaza ngoba njalo uma unyuka uphethroli ukhuphuka ngokuphindiwe kodwa kuba yimali encane uma sewehla,” kuchaza uMahlinza.
Uthe lokhu kuphazamisa iholo lakhe, kugcine sekwenza ahole imali engafani.
“Uma uwumshayeli umholo wakho ukalwa ukuthi usebenze kangakanani ngakho uma uzofika nemali encane kumphathi wakho ngenxa yokuthi eningi uyisebenzise kuphethroli, ugcina usuhola ngisho uR500,” kuchaza uMahlinza.
Ubuye waveza nokuthi lokhu kubathwalisa kanzima nakubaqashi babo ngoba basuke belindele ukuthi baqhubeke balethe imali ebajabulisayo uma kuphela usuku.
Umshayeli wetekisi ehambela eThekwini nasePinetown, uMnuz Themba Makhoba, uthe akakholelwa ukuthi ukwehla kukaphethroli kuzokwenza ushintsho kubashayeli bamatekisi.
“Ngaphambi kokunyuka kukaphethroli, uma itekisi yenze amalodi angu-7 besifaka uR100 ngosuku, kuthe usunyukile bese sifaka uR1 100, lokho kwenza ukuthi uma kade wenze uR2 000 ngosuku, ugcina usuhambisa uR900 kumqashi,” kuchaza uMakhoba.
Uthe uyafisa ukuthi uqhubeke nokwehla uphethroli ukuze nabo bezokwazi ukwenza imali ebonakalayo baphinde bakwazi ukwenza izidingo zabo njengamadoda anemindeni.
“Mina angisenalutho njengomshayeli njengoba ilitha ibiza ngaphezulu kukaR20 ngakho uma ngase ibize noma uR15, ngiyathemba ukuthi ikhona inzuzo umuntu angayenza ukuze ezokwazi ukuphatha umngenandlini ekhaya,” kuchaza uMakhoba.
UMnuz Snethemba Khuzwayo waseNanda, uthe yize engakawuboni umehluko ngokwehla kukaphethroli kodwa ufisa uqhubeke wehle kakhulu.
“Singajabula kakhulu uma ngase ilitha lingehla noma ingoR10, imboni yethu ingawubona umehluko iphinde iyekwe nokudeleleka njengoba abantu besibukela phansi,” kuchaza uKhuzwayo.
UMnuz Sakhile Ndebele waseMlaza, uthe yize ezwa ngokwehla kukaphethiloli uzokholwa ngokubona uma kuhamba isikhathi kodwa akathembi ukuthi uzokwehla isikhathi eside.
Imenenja ehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, ithe isishayela ihlombe isiphakamiso sikahulumeni sokwehlisa uphethroli.
“Imboni isizokwazi ukwenza kahle umsebenzi iphinde futhi yenze nenzuzo eyanele ukuthi kubekhona okusala emaphaketheni ngoba iningi labashayeli bese lisebenzela ukunikeza abaqashi imali, bona bangatholi lutho,” kuchaza uShangase.
Uthe uyethemba ukuthi kuzoqhubeka ukwehla kukaphethroli.