INHLANGANO emele abaphathi bamanyuvesi i-Universities South Africa (USAf), isiyalele umlawuli wesikhashana weNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS), ukuthi alungise ngokushesha uhlelo lwezobuchwepheshe balesi sikhwama obenza kube nzima ukuhambisa imininingwane yezitshudeni.
Le nhlangano ezibophezele ukuthi izosebenzisana nomlawuli uMnuz Freeman Nomvalo, oqale umsebenzi wakhe ngeledlule, ithe ayinankinga nokuqhubeka ukukhokha imihlomulo yezitshudeni kodwa inkinga isohlelweni lwalesi sikhwama olungabavumeli ukuthi bafake imininingwane yezitshudeni.
UNomvalo unxuse ukuthi kube nokubambisana ezinhlakeni ezehlukene okubalwa i-USAF, izinhlangano zezitshudeni, abasebenzi beNSFAS, abamele amakolishi amakhono ama-TVET njengoba enikwe izinyanga ezingu-12, ukulungisa izinkinga ezihaqe isikhwama.
UDkt Phethiwe Matutu, isikhulu esiphezulu se-USAf, utshele isiteshi sethelevishini, ukuthi akulungiswe ngokushesha izinkinga ezikhona kwiNSFAS.
Uthe kunezitshudeni namanje okungacaci ukuthi zilutholile yini uxhaso noma cha.
“Labo abafake izimangalo kwiNSFAS kumele baphendulwe ukuze kwaziwe ukuthi baxhasiwe noma cha. Siyakwamukela ukuqhubeka sikhokhe imihlomulo yezitshudeni okuyinto esiyenze ngempumelelo selokhu kuqale unyaka. Okunye okwenza kube nokubambezeleka ekutheni sihambise imininingwane yezitshudeni kwiNSFAS wukuthi uhlelo lwabo lwezobuchwepheshe lunezinkinga alusivumeli ukuthi singene kulona kalula. Lokhu kwenza ukuthi izitshudeni zingakwazi ukuthola uxhaso.”
Uthe uma bezama ukuthola usizo kwiNSFAS akekho obasizayo wasola inkinga yokushoda kwabasebenzi.
NoNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuQeqesha uDkt Blade Nzimande, ekhuluma nabezindaba ngokwenze wahlakaza ibhodi leNSFAS, uyivezile eyokuthi lesi sikhwama sibhekene nezinselelo ohlelweni lwaso lwezobuchwepheshe nokungabi nabasebenzi abenele.
Usho lokhu nje iNSFAS ithe maduzane izoba nesithangami nabezindaba lapho izomemezela izinhlelo esizenzile ngabangakakhokhelwa.
UDkt Matutu uthe kudingeka kube nabantu abazosiza uma kuba nezinkinga zokuchithwa wuhlelo lweNSFAS.
“Kumanje u-60% wezitshudeni osakhokhelwe, ezinye azikhokhelwe. Izitshudeni ziyalamba uthola ukuthi azazi nokuthi kungani zingaxhasiwe.”
UNomvalo uthe akuzoba lula wathi kodwa uzokwenza konke okusemandleni ukulungisa isimo kulesi sikhwama.
Ezinye izinto abekelwe nguNzimande ukuthi azenze ngukuxazulula inkinga yokungafiki ngesikhathi kwemininingwane yezitshudeni, ukukhokhelwa kwalabo abangakakhokhelwa okubalwa nezindawo zokuhlala, ukulungiselela uhlelo lokufakwa kwezicelo zangonyaka ozayo, ukushesha ukuphendula abafake izicelo zokuxhaswa, ukuqinisa imigomo yesikhwama nokulungisa ezithinta ubuchwepheshe.
UNzimande uveze ukuthi ezinye zezizathu ezenze wachitha ibhodi leNSFAS wuqhekeko obelukhona emalungwini, amanye abedonsa aye kwenye indawo, wukuhluleka ukuchitha izinkampani ezathola ithenda yokusabalalisa imihlomulo yezitshudeni, wukuhluleka ukuletha umbiko waminyaka yonke ePhalamende, wukuhluleka ukulungisa indaba ye-call centre namanje engasebenzi, wukuhluleka ukuphendula ngesikhathi izikhalo zezitshudeni nezinye.