BAYINKUKHU nempaka abashadikazi abangabefundisi ebandleni labasindisiwe eliseMpangeni kungemva kokuthi umyeni eshade isinyenyela nowesifazane ongumphrofethi.
Kuthiwa kubonakale ngezithombe zomshado sezisabalele ezinkundleni zokuxhumana okubikwa ukuthi ubuKwaNongoma.
Kuthiwa laba bobabili baqale uhlelo lwesehlukaniso somshado ekupheleni kukaJanuwari, njengoba kubikwa ukuthi izithombe zomnyeni zibonakale ngaleli sonto kwiFacebook.
Lezi zindaba zidalulwe nguNkk Mvelwenhle MaDlamini Masondo, obekhuluma noDudu "Lady D" Khoza ohlelweni lwakhe oKhozini FM.
Uqhube wathi yize bezikhona izingqinamba abezibekezelele emshadweni wakhe, ubezama ukugqiba ihlazo lesimo sempilo abengaphansi kwaso. Wathi uMasondo useke wambeka isandla izikhathi eziningi. Kugcine ngokuthi alimale edolweni kwesinye sezigameko zokuhlukunyezwa kwakhe.
Umfundisikazi ongumhlengikazi kwesinye sezibhedlela zakuleli, uthe okumcasula kakhulu ukuthi ushuthe kulo mshado egqoke isudu amthengela yona esikhumulweni sezindiza eCape Town.
UNkk Masondo, uveze nokuthi ubesefa yindlala ngoba umyeni wakhe ubesevilaphela ukuya enkonzweni yasekamalweni.
Ngesikhathi uNkk Masondo ethintwa yiSolezwe ngeSonto mayelana nokuvulwa kwecala emaphoyiseni, utshele iphephandaba ukuthi akekho esimweni esikahle sokuthi aphawule. Ucele ukuthi imthinte kusasa ( ngoMsombuluko).
UMfundisi Sakhile Masondo ephawula ngodaba, utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi umphoxe kakhulu umsakazo okhulume noNkk Masondo ekubeni yena engathintwanga. Uthe ukholwa ukuthi bekumele abasakazi bathole izinhlangothi zonke mayelana nodaba.
"Lo muntu okhuluma ngaye nguyena owafuna ukuthi sehlukanise. Konke lokhu akukhuluma ngami angikwazi. Angikaze ngishaye muntu mina futhi angikaze ngihlukumeze muntu. Kodwa ngempela nje, mina ngangizobe ngishaya umuntu ngempintshisi edolweni ngoba kwenzenjani ?" kubuza umfundisi.
Eqhuba uthe, akathandi ukunaka zonke izinto ezishiwo nguNkk Masondo nabefundisi akhonza nabo ebandleni abashiye kulo (esiligodlile) ngoba sebelisaphaze kakhulu igama lakhe.