LIYADLISA iphinifa kulezi zinsuku, emicimbini eminingi yabantu besifazane kukhethwe ukuthi izihambeli zayo ziswenke ngephinifa.
Phambilini iphinifa bekuyizingubo eziyamaniswa nabantu besifazane basemakhaya kodwa manje lokho sekushintshile, usuthola abantu besifazane beswenke ngalo beligqoke namaqhoks.
Isasasa ngokugqokwa kwephinifa lihambisana nezinhlobo eziningi zamaphinifa ahambisana nemishuqulo amanye aneziphika futhi ahambisana nezikibha zophathina ezilungele ukuthi ungaligqoka uma uhamba naye.
UNksz Londi Shezi, ongumsunguli wombuthano wabesifazane ohlanganisa abantu besifazane abahlukene abagqoka amaphinifa kuphela emicimbini yabo, iSwenka Ngephinifa, nomsunguli wamakhempu omakoti, iMakoti BootCamp, uthe iphinifa beligqokwa kakhulu ngomakoti emakhempini. Wafikelwa ukuthi angalenza libe isibonelo sokuthi umuntu wesifazane angashintsha afinyelele esicongweni esuka phansi.
“Iphinifa bekuyingubo edelelekile nje okwaziwa ukuthi igqokwa ngomama basemakhaya noma ongayigqoka uma uhlanza ekhaya. Belithungwa ngezindwangu ezishibhile ezisheshe ziphuphe. Angithandanga ukuthi ngingene emlandweni wokuthi lize libe khona nje kwakwenzenjani. Ngafikelwa ukuthi uma kungashintsha indwangu elithungwa ngayo lingaba nesizotha. Ngomcimbi wokuqala weSwenka Ngephinifa owawungo-2022 elami ngalithunga ngeDuchess Satin,” kusho uNksz Shezi.
Uthe abanye abantu babemgxeka bethi wehlisa izinga lemicimbi yokuthuthukiswa kwabesifazane uma ethi akugqokwe amaphinifa into edelelekile. Ngaleso sikhathi eyayishibhile.
"Ngicabanga ukuthi ukuba khona kwabasakazi abafana noZanele Mbokazi noJacinta Ngobese nabo ababegqoke amaphinifa kwenza ukuthi abesifazane bashintshe umqondo. Ngemuva kwalokho samenywa ezindaweni eziningi. Kwashintsha kanjalo kwaba umbuthano. Asimile siyaqhubeka nokulishintsha iphinifa libe nama-design amaningi akhangayo alungele ukugqokwa yilo lonke uhlobo lwabesifazane. Akhona amaphinifa ongakwazi ukuthi uwagqoke ne-coat namaqhoks," kusho yena.
UNksz Feziwe Dweku othunga amaphinifa awadayise enkabeni yedolobha iTheku, uthe ukugqokwa kwephinifa emicimbini kusize ibhizinisi lokuthungwa nokudayisa amaphinifa.
"Amaphinifa awasathungwa ngomama abafana nathi kuphela, usuthola nabasiki bengqephu bekhipha ikhono labo ngokuthunga amaphinifa ikakhulukazi ngayo inyanga yabantu besifazane. Ikhasimende kuyenzeka lifike nesithombe lithi lifuna iphinifa elinjani, umbala nokuthungwa. Akhona amaphinifa abiza uR450 kuya phezulu," kusho yena.
UNksz Zime Msweli odayisa amaphinifa awaposele ezindaweni ezehlukene zakuleli, uthe ama-design amahle iwona enza ukuthi amaphinifa athengwe kakhulu.
“Mina angithungi ngiyawa-oda. Ngisebenzisa izinkundla zoxhumana ngibe nabantu abazowagqoka ukuze amakhasimende abone kahle. Amakhasimende ami awaseGauteng, eFree State nakwezinye izifundazwe,” kusho uNksz Msweli.