Siphinde senyuka isibalo sezimoto ezintsha ezidayiswe eNingizimu Afrika ngoFebhuwari ngokwezibalo ze-naamsa | The Automotive Council.
NgoJanuwari kwadayiswa izimoto ezintsha ezingu-46 393 okuyisibalo esinyuke ngo-4 375 noma u-10.4% uma kuqhathaniswa noJanuwari 2024.
EzangoFebhuwari izibalo ziphinde zanyuka ngoba kudayiswe izimoto ezingu-47 978. Lokhu kukhombise ukunyuka ngo-3 229 noma u-7.3% uma kuqhathaniswa no-44 749 wezadayiswa ngoFebhuwari 2024.
Ezimotweni ezidayise ngaphandle kwakuleli khona izibalo zehle ngo-4 861 noma u-8.6%. zibe ngu-34 656 ekubeni ngesikhathi esifanayo zazingu-39 517.
Ngokwezinkampani, iSuzuki Auto South Africa iqhubekile ukubambelela endaweni yesibili ngemuva kweToyota South Africa Motors njengoba yenza ngenyanga edlule ihlula iVolkswagen Group South Africa.
Uhla lwezinkampani ezidayise kakhulu lumi kanje:
Toyota - 11 743
Suzuki Auto - 6 044
Volkswagen Group SA - 5 249
Hyundai Automotive South Afrca - 3 074
Ford Motor Company - 2 900
Isuzu Motors South Africa - 2 298
Chery Auto South Africa - 1 924
GWM SA - 1 713
Mahindra - 1 610
Nissan - 1 497
Kia South Africa - 1 491
Renault - 1 466
BMW Group - 1 256
Omoda and Jaecoo South Africa - 772
Stellantis - 501