ININGI labesifazane elinezinkampani ezinkulu nelinezingane ezithole imfundo ephezulu, belenza imisebenzi edelelekile njengokudayisa nokuthunga obekuthathwa njengomsebenzi ongatheni.
UNkk Slungile Mokoena odabuka ePiet Retief eMpumalanga osezinze e-Oakford eThekwini, wayedayisa izimpahla zokugqoka emakethe ukuziphilisa. Namhlanje uwumnikazi welebuli yezimpahla zokugqoka iHouse of Sluvin ehlonishwa naphesheya kwezilwandle.
Ekuqaleni kwenyanga uhlonishwe ngendondo yeBlack History & Lifestyle eLondon kuwo lo mkhakha wezemfashini.
Inzuzo ayenza kuleli bhizinisi yakwazi ukumfaka eLindiwe Kuzwayo Academy of Fashion lapho wacijwa khona waze wathola ithuba lokuyokhangisa ngomsebenzi wakhe eGermany. Emuva kwalokho yavuleka iminyango wazithola esekhangisa ePortugal, Italy, France, London, Seychelles, Mauritius, Zimbabwe, eSwatini nase-Egypt.
Ukukhula kwakhe ubesekwazi nokufukula abanye ozakwabo abasafufusa njengoba eqashe abesifazane abahlanu ngokugcwele kanjalo nabanye abasebenzi abahlanu abayitoho.
"Ngelinye ilanga ngiyafisa ukukhula ngibe nomsebenzi ozokwenza ngikwazi ukuqasha noma abantu abawu-300. Ukuba nesikole semfashini nemisebenzi yezandla ezinye zezifiso enginethemba lokuthi zofezeka ngelinye ilanga. Noma senginabo ubudlelwano namakhasimende akwamanye amazwe kodwa nginephupho lokufakela esinye sezitolo ezinkulu phesheya kwezilwandle," kusho uNkk Mokoena.
Lo mkhakha yize ubukeka unamakhisimende amaningi kodwa uNkk Mokoena uveza ukuthi zinkulu izingqinamba abasabhekene nazo. Ukungabi nezindawo eziqondile zokusebenzela kwenza kube nzima njengoba begcina beqasha izindawo ezimba eqolo noma bancikiswe izitolo nazo ezibheke ukwenza inzuzo ngabo.
"Kuningi esengikuzuzile ngokuba yingxenye yezinhlelo zikahulumeni kodwa indawo yokusebenza iseyinkinga kakhulu. Ngokubona kwami kungasilekelela ukuhlonzwa kwamabhilidi kamasipala angasasebenzi silungiselwe wona. Kule mali encane esiyenzayo singakwazi ukukhokha siphinde siyibone nenzuzo," kusho uNkk Mokoena.
Ephetha, uveze ukuthi uhambo lwakhe lwakamuva e-Egypt ebeluhlelwe iTrade and Investment KwaZulu-Natal ngokubambisana noTransnet noMnyango wezoHwebo neziMboni luthele izithelo ezinhle. UNkk Mokoena uthe kunosomabhizinisi ababili abathembise ukuthenga eminye yemisiko yakhe ngenhloso yokuyidayisa kulelizwe.