UKUZALWA enesifo sokukhubazeka ezinyaweni i-club foot, esenza ukuthi umuntu angakwazi ukuhamba kahle, abanye sibenze banyathele ngohlangothi lwezinyawo, kwenze uNksz Nolwazi Cele waqonda ukuthi baningi abanye abanale nkinga.
Yilokho okwenze ukuthi lo somabhizinisi waseMlaza, eThekwini, kwathi esephothule u-matric eRidge Park College ngo-2014, wazihlupha ngolwazi lwezifundo zobuhle, okuyikho okumsize waqonda ngamathuba okungenisa ngaleli bhizinisi.
Wamfikela kanjalo umcabango wenkampani Uchopho, lapho enza khona imikhiqizo yokugcoba izinyawo, eyokubhucabhuca, futhi asize ngokukhuculula inkwali namansense.
“Kwathi sengenze izifundo ze-beauty therapy eCreative Arts College ngo-2018, ngazihlupha kakhulu ngemikhiqizo esiza ezinyaweni ngoba ngikholwa wukuthi baningi abantu abakhule benenkinga yezinyawo enjengeyami, kodwa abangabanga nenhlanhla yokusheshe bayilungise njengoba kwenzeka kimina.
“Bengifuna ukuba wusizo kubona ngemikhiqizo yokugcoba izinyawo, sikhuculule udoti okuzona bese futhi sizibhucabhuca ngendlela ezokwenza umuntu ajabule. Sisiza nangokukwazi ukubheka inkinga esonyaweni lomuntu, simdlulisele kwabanolwazi olungaphezu kolwethu ukuze asizakale,” usho kanje.
Eqhuba, uthe kuleli bhizinisi, alisungule ngo-2022, useqashe abasebenzi ababili abamsiza ukusheshisa umsebenzi kanti okwamanje abakabi nayo indawo yokusebenzela, okwenza ukuthi bazifikele mathupha emakhasimendeni abadingayo.
“Lokho kuhle futhi kubi ngokuthi siyasizakala ngokukwazi ukubonwa ngabantu abaningi uma sisezinxanxatheleni zezitolo nasemarenki, bese kusilimaza ngokuthi kubuye kube nzima ukuthola amakhasimende ngoba akuwona wonke umuntu oyiqondayo indlela esisebenza ngayo online,” kusho uNksz Cele.
Mayelana nezinhlelo zengomuso, uthe bafisa ukuthi umsebenzi wabo waziwe futhi ufinyelele ezindaweni ezahlukene ezweni, bese andisa abantu azobaqasha ukusimamisa inkampani yakhe.