NJENGOBA namuhla kuwusuku lwabesifazane olugujwa umhlaba wonke, i-International Women's Day (IWD), umsunguli wesikhwama sokupheka esesiduma iNingizimu Afrika yonke, iWonderbag, unxenxa abantu ukuthi bazithenge ukuze kusizakale inqwaba yabesifazane abayingxenye yohlelo lokhwakhiwa kwazo emhlabeni wonke.
UNkk Sarah Collins ongumsunguli walesi sikhwama, uthe namuhla isikhwama esikhulu sizobe sidayisa ngo-R250 online. Inhloso ukuthi abesifazane abayingxenye yalesi sikhwama bathole imali ngazo njengoba kunenqwaba yamaphrojekthi azithungayo izikhwama bese zidayiselwa amakhasimende ehlukene, ingxenye yenzuzo iye kwabazithungayo.
Lesi sikhwama sikwazi ukugcina ukushisa kwebhodwe ebeliphekile liqhubeke liphekeke ngaphandle komlilo noma ugesi amahora angu-12, Sasungulwa ngenhloso yokuthi sehlise izinga lokungcola komoya okudalwa izinto abantu abazisebenzisayo kuzo okubalwa izinsiza zokupheka. Manje sesibuye sisize njengoba imiphakathi eminingi ibhekene nenkinga yokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
"I-Wonderbag iqinisekisa ukwehla kwezindleko zokupheka cishe ngo-70%. Ngemva konyaka ogcwele usebenzisa i-Wonderbag yakho wehlisa i-carbon ngamathani awu-1.5. Inhloso yalo mkhankaso weWID ukuthi ngokuthengwa kwalezi zikhwama kusizakale abantu besifazane abayingxenye yalolu hlelo eNingizimu Afrika yonke. Nginethemba lokuthi baningi abantu besifazane abazobona inhloso enhle bazithenge ukuze basize abanye," kusho uNkk Collins.