SEZIYA kuMaliyethe komakoti okuthi uma kuphela unyaka noma ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi, kudingeke bayokotiza emakhaya okuzalwa kuwo abayeni babo, abahlala nabo emadolobheni.
Abanye kuzobe kuwunyaka wokuqala ngqa lo beyokotiza, abanye sebeke baya bazizwela ukuthi insimbi ishisa kangakanani kulo msebenzi wokukotiza.Yingakho omakoti asebelihambile leli banga bethi lona akuwona umsebenzi omncane futhi udinga ukuthi uke uzilibale ubuwena kodwa ugxilise ingqondo kulezi zinsuku ezimbalwa ozozichitha kwaMfazi ongemama.
Abanye bathi wumsebenzi olula kakhulu ngoba kweminye imizi esemakhaya sekuphilwa isimanjemanje. Yize kunjalo, uNkk Thobile Nhlumayo owusihlalo wenhlangano, iMakoti in Action, eba namakhempu minyaka yonke, okufundiswa kuwo omakoti abasanda kugana, ngezinto okumele bazilindele futhi bazazi ekukotizeni, welulela omakoti ukuthi basebenzise kakhulu abayeni babo babachazele ukuthi emakubo kuphilwa mpiloni.
"Ngiye ngithi kumakoti oya emzini okokuqala, kumele azi umuntu ngamunye wasemzini, ukuthi uwumuntu onjani ukuze kungabi khona lutho olumethusayo. Uma kuno-anti oweyisayo ohlale egxeka, yazi kabanzi ngaye ukuze umhlelele engqondweni ukuthi uzomelana kanjani naye," kuchaza uNkk Nhlumayo.
UNkk Nhlumayo useshade iminyaka ewu-32, uhlala KwaNgcolosi kodwa umyeni wakhe ungowokuzalwa eJozini.
Uthi kodwa ukhiye kukona konke, wukuqonda kabanzi umamezala wakho. Kumele umazi ukuthi uthanda kudla kuni, akawufuni usawoti ekudleni kwakhe, okanye amafutha akawadli.
Cabanga nje uzovele upheke ukudla okunosawoti omningi, okuntanta amafutha, umamezala wakho umbone esukuma eziphekela ukudla kwakhe...ukuphoxeka okulapho! Kumele wazi ukuthi uma uwine yena, impilo yakho izoba lula."
Umbhali wencwadi efundisa abesifazane ngokukotiza, uPhindile Mbonane Ndebele, uhamba emagameni kaNkk Nhlumayo. Uthi omamezala baneso kakhulu uma kuyiwa ekhishini, yingakho kubalulekile ukuthi uzilungisele ukuthi uzophekani kulezo zinsuku ozobe uzivakashe emakhaya.
“Kodwa kungabi yizinto ezinesilungu kakhulu....abantu basemakhaya kuyenzeka zibacike izidlo mhlawumbe ezinongwe kakhulu, njengoBiryani nokunye”.
Nanka amanye amasu angakusiza:
Uma kunomcimbi
Ungalokothi uzame izinto ongakaze uzipheke uma kunomcimbi emzini.
Isibonelo nje, uma ungakaze ubugaye utshwala besintu, ungazami ukubugaya noma ngabe ufundile encwadini ukuthi bugaywa kanjani. Khumbula ukuthi emakhaya kuhlale kunowesifazane owaziwayo emndenini ukuthi uwungoti wento ethile.
Uma usafika noma ungakajwayeli, kungcono uzenze umuntu ongakaze abugaye, ucele bakufundise.
Vuka ekuseni
Ungaphiki nomyeni wakho okungenzeka akulahlekise, mshiye engutsheni uvuke uqale ukuyokwenza imisebenzi yasendlini. Awusona isisebenzi yebo, kodwa okufunayo yinhlalakahle yakho ungumakoti.
Khipha unyawo wenze isidlo sasekuseni, ngisho ngabe umyeni wakho awumletheli ngethileyi uma ninodwa kodwa uma nikubo, mfakele ethileyini ukuze umamezala abe nesithombe sikamakoti onakekela 'indodana yakhe'.
Ziphathele izinto opheka ngazo
Kwezinye izindawo ezisemakhaya kukude nezitolo, nezikhona zidayisa okukhethiwe. Ziphathele wena opheka ngakho, okungaba yizinongo nokunye ukuze upheke ngale ndlela owazi ngayo.
Fika negilosa
Lokhu okungenhla kwenzeka kahle uma uvele wahlakanipha, ufike negilosa yazo zonke izinto ozijwayele, kusuka ekudleni kwasekuseni nokunye ikakhulukazi okujwayelwe ukudliwa nayizingane zenu edolobheni.
Khumbula ukuthi ukuze uhlale kahle kumele nezingane zakho zingadli izinto ezingazijwayele, hleze zilokhu zikubelesela ukuthi nibuyele edolobheni. Ngaphandle kwalokhu, omamezala bayithanda kabi igilosa!
Qaphela ozobe ukugqoka emzini
-Kulezi zinsuku kunesitayela esihle samaphinifa. Ukugqoka iphinifa kukamakoti kuyindlela abonakala ngayo ukuthi uzinikele ekubeni wumakoti futhi uyakujabulela.
Qaphela kodwa, amaphinifa athungwa kulezi zinsuku mafishane. Kubi ukuveza ingemuva lamathanga emzini. Uma amaphinifa akho emafushane, unganqeni ukugqoka isiketi eside ngaphansi bese ugqoka iphinifa lakho ngaphezulu.
Kungenjalo khetha izingubo zakho ezedlula emadolweni, ungathi uyagoba kuvele amantshweba, kubi lokho. Uma kuheza, qinisekisa ukuthi uyawuphatha umhezo. Izingalo azivezwa emizini eminingi emakhaya, nakhona kuqaphele lokho.
Ungazithwali
Abanye omakoti bangabaphathi lapho besebenza khona, kukhona odokotela nezifundiswa ngokuhlukana. Emzini ungalinge ubenze baze banake ukuthi konje uwumakoti oyisifundiswa.
Khuluma njengabo, ugweme amagama esiNgisi njalo. Yiba yingxenye yezinkulumo zabo, ukhombise ukuthi uyazithokozela. Uzame ngisho ukuqonda kabanzi amahlaya asemzini. Yonke imizi inamahlaya akhona aqondwa ngabantu bakhona kuphela.
Qonda ngisho ulimi abalusebenzisayo uma bekhuluma. Uma beyinhlobo ethanda ukubhuqa, buzisisa umyeni wakho ukuthi yimaphi amagama abajwayele ukuwasebenzisa ukuze uzwe nawe uma sezikhala enyameni kuwena.
U-Pastor Nonceba Vilakazi webandla iHoliness in Christ, weluleka omakoti abakholwayo ukuthi bangalenzi iphutha lokufuna ukugqamisa ukukholwa kwabo emzini.
"Uma bengawujwayele umkhuba wokuthandaza futhi kungebona abantu abakholwayo, musa ukubafuqa ngomkhuleko. Khuleka wena uma uvuka noma usuyolala nomyeni wakho. Ungabangena kancane kancane nje ukuze kube khona abakufundayo kuwe kodwa ungalokothi ubaxine," egcizelela.