FUNDISWA NKWANYANA
NGESIKHATHI uNksz Nothando “Nolly” Khowa eqashwa eMbilo Express Plant & Tool Hire eThekwini, wayengakaze acabange ukuthi ngelinye ilanga leli bhizinisi kungaba elakhe.
“Ngesikhathi ngiqashwa ngo-2014, njenge-business sales representative ngaze nganyukela ekusebenzeni njenge-plant coordinator ne-branch manager. Ngangingazitsheli ukuthi leli bhizinisi kuzogcina kungelami,” kusho yena.
Ukuthenga ibhizinisi kumqashi wakhe
Ngokuchaza kwakhe, uNothando ngesikhathi engumphathi wegatsha, amakhasimende ayencoma ukusebenza ngokuzimisela kwakhe futhi emugqugquzela ukuthi aqale elakhe ibhizinisi.
Uthi wayengayishayi ndiva le mibono yamakhasimende ayelokhu emnxuse njalo ukuthi azethembe aqale elakhe ibhizinisi.
“Ngokubona abantu abasha abaningi befika bezoqasha izinsiza kusebenza zamabhizinisi abo ilapho ngagqugquzeleka ukuthi nami ngibe usomabhizinisi,” usho kanje.
Eqhuba, uthi kwathi ngelinye ilanga wathola i-email echazayo ukuthi leli gatsha ayeqashwe kulo liyadayiswa.
Ezinyangeni ezedlule ngaphambi kokuthola ukuthi igatsha asebenza kulo liyadayiswa, uKhowa wake wabizwa emihlanganweni yabaphathi lapho kwakudingidwa khona indlela aphethe ngayo igatsha.
“Ngathola emuva kwesikhathi ukuthi le mihlangano yayingenhloso yokuthola kabanzi ukuthi ngenza ngani ukuqhuba ngempumelelo igatsha leli engangiliphethe. Lokho kwangenza ngabona ukuthi ngingakwazi ukuba umnikazi webhizinisi ye-plant hire.”
Igatsha leli elalidayiswa lalibiza uR3.5 million, imali ayengenayo uKhowa nokwadala ukuthi abone ukuthi aqale ngokuphuthuma ukufuna uxhaso.
UKhowa uthi wacabanga ukuthinta umqashi wakhe wangaphambilini, uGeoffery Reardon, ecela usizo lokuqokelela imali yokuthenga igatsha.
Uthi uReardon ngoba ekholelwa kulo iphupho lakhe, wavuma ukufaka igama lakhe kusivumelwano semali ayiboleka kuHoward Buttery ukuthenga igatsha.
“Kwangijabulisa ukuthola le mali ngoba ngangikulindele futhi ngikulungele ukubhekana nanoma iziphi izingqinamba kulo ibhizinisi,” uchaza kanje.
Izifundo ezafika nokuthenga ibhizinisi
UKhowa uthi kwakumkhulula umoya ukuthi ibhizinisi alithengile bese livele lilandela inqubomngomo yomkhakha walo futhi selinawo namakhasimende ayithembayo indlela esebenza ngayo.
Indaba uyokuthenga kwaKhowa ibhizinisi ayihlalanga phansi njengoba amakhasimende amasha atheleka kwathi amadala anxenxa ukugcina izivumelwano (contracts) zawo nebhizinisi.
“Lokhu okwakufunwa amakhasimende kwenzeka ngempumelelo nokwenza ukuba ibhizinisi libe nonyaka omuhle kakhulu ngokwezimali.”
Uthi uKhowa yize kwakukuhle ukuthenga ibhizinisi kodwa kwafika nezihibe njengoba aqhubeka ukusebenzisa igama elidala lenkampani ngaphansi kwelayisensi yeminyaka emihlanu.
UKhowa uchaze wathi lokhu kwadala ukudideka kumakhasimende amaningi njengoba kwakhona elinye igatsha elibunqamama naleli alithenga elisibenzisa igama elifanayo.
Uthi wabhekana nezingqinamba zokumaketha ibhizinisi lakhe njengoba igama lalo lalingaphansi kwelayisensi.
“Uma ngibheka emuva manje, mhlawumbe kwakungaba ngcono ukuba ngazama ukuthola isivumelwano selayisensi sesikhathi esifushane, hhayi iminyaka emihlanu,” kusho yena.
Ngale kwezingqinamba uKhowa abhekana nazo ethenga ibhizinisi, waphinde wabhekana nengwandla yokuntshontshwa kwemishini le esuke iqashiwe okwesikhashana.
Uthi lokhu kwakhubaza ubudlelwano namakhasimende okwakumele athwale izindleko zomshwalense.
UKhowa uthi isisombululo aqhamuka naso sokubhekana nale ngqinamba yokwebiwa kwemishini eqashisiwe kwaba ukufaka i-tracker kuyo imishini okwadala ukuthi kutholakale u-95% yemishini entshontshiwe.
Noma ekewabhekana nezihibe, uKhowa uthi uyaziqhenya ngokuba umnikazi we-Umbilo Express Plant & Tool Hire futhi uzimisele ngokuqhubeka nokuqashisa ngamathuluzi nemishini kubakhi, osokontileka, abafaka amapayipi amanzi naba lungisa ugesi.