EZINDAWENI zasemakhaya kunemisebenzi namakhono okungathathwa njengento ongaziphilisa ngayo njengokudweba. Kodwa iningi lamaciko aqhamuka kulezi zindawo aya ngokuvelela.
UNontethelelo Lelo Mncwango waseMtubatuba kodwa osezinze eMgungundovu, oneziqu ze-Visual Art azethweswa eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), usesebalazweni ngokucikoza kwakhe. Muva nje, ushayelwa ihlombe ngomsebenzi awenzele iSmiroff emahhovisi eDiageo eSiphingo, ngaphansi kohlelo lokuthuthukisa amaciko i-We Do We.
"Ngikhule ngithanda ukudlala ngedwa ngidweba opopayi ababizwa ngama Dragon Ballz. Ngangena esikoleni esinezobuciko ngicula ngenza nemisebenzi yezandla. Ngangithanda ukwenza izinto ezehlukile nokwenza ngangena ngagxila kulo mkhakha wokudweba. Ngangingajuli kodwa abantu babekubuka ngeso elibanzi," kusho uLelo.
Uke wasebenza ngokubambisana noBB Bakery, East Coast Radio, AXE, Cotton On Foundation, MONTBLANC, Jack Daniels, DaBongz, Lincoln nezinye izinkampani ezahlukene. Lo mkhakha wokudweba usajwayeleke kwezinye izinhlanga bese kuba abesilisa abawenza kakhulu. Lokhu uLelo uveza ukuthi kunomthelela ongemuhle ngoba kuyaba khona ukucwaseka ngokobulili.
"Abanye abantu besilisa abangamukeli ngoba ngingowesifazane, abanye bakubone njengomsebenzi ongatheni kodwa ngibe ngizama nabo ukubanika isinkwa. Ngesinye isikhathi uma ngipenda noma benemibuzo bazokhetha ukuxhumana nabanye besilisa ngomsebenzi wami," kusho uLelo.
Ukukhuliswa ugogo ngenye yezinto ezenze waba nekusasa eliqhakazile futhi wathola amandla okuphokophelela phambili noma ziba khona izingqinamba. Emuva kokushona kukagogo wakhe ngo-2018, wabusiswa ngengane nazibophezele ukuyikhulisa ngesandla esifudumele njengoba kwenziwa kuye.
"Ugogo ukhule ezimele esenzela konke ekhaya, nami njengomzali ozimele ngigqugquzelwa yilawo mandla okubona ukuthi singazimela. Ngifisa abanye abantu besifazane baqine bazi ukuthi singakwazi ukwenza izinto ezinkulu sizimele. Ngenza nomdwebo wowesifazane othwele ekhanda ebelethe ingane ngoba ngifuna ukuveza ukuthi konke kuyenzeka ngaphandle kokuncika kumuntu wesilisa," kusho uLelo.
Imidwebo kaLelo yonke ixoxa indaba. Uveza ukuthi ukufunda izinhlobo ezahlukene zokudweba, okubalwa ne-spray paint, kumvulele amathuba.
Ngaphandle kokudweba uphinde abe ngumculi njengoba enezingoma ezimbili azikhipha kanti waziwa ngelikaLelomjaja.