UKUPHATHWA yi-Anemia ayelapha esebenzisa amakhambi esintu kwamenza wafuna ukusiza abantu abanezifo ezehlukene uDr Nomah Cibane-Cele.
Ngempelasonto uDr Nomah wethule imikhiqizo yakhe iNomah Organic Product, athe iyimikhiqizo equkethe izitshalo zakuleli kuphela nabazithole emahlathini ahlukene kuleli.
Ekhuluma ngale mikhiqizo uDr Nomah oneziqu zeDiagnostic Radiographer MBA neDBA, nonendawo yokusebenzela eMhlanga eThekwini, uveze ukuthi uyakholelwa ekutheni uma abantu bengabuyela emakhambini esintu bawasebenzise bangalapha izifo eziningi.
“Mina ngesikhathi ngithola ukuthi ngine-anemia, ngakhetha ukuthi ngibheke amakhambi esintu ahlukene ukuze ngisizakale, ngayeka ukubheka imishanguzo yasentshonalanga. Lokho kwangisiza ngoba ngaxhumana nabantu abahlukene ukuze sibheke ukuthi le mithi ayisizi yini ngokuthi isiqede nya isifo osuke unaso kodwa iyasithithibalisa kuphela. Ohambweni lwami sngabe sengenza ucwaningo nesikhungo iMancosa, nosoSayensi waseJamaica, uMnuz Jason Williams, owayehambela amazwe ahlukene ekhuthaza ukuthi abantu badle ukudla okunempilo futhi naye oshumayela lona leli vangeli lokuthi abantu basebenzise amakhambi esintu, nowangitshela ukuthi singenza omkhulu umehluko, uma nje singakhuthalela ukwenza amakhambi angasiza abantu,” kusho yena.
Uthe isiqalo sabo sibe sezifweni ezimbili okubonakalayo ukuthi ziwumbulalazwe okuyisifo sikashukela nomdlavuza.
“Okokuqala nje abantu kumele bazi ukuthi isifo sikashukela sesiyyelapheka siphele nya. Imithi yasentshonalanga iyasidambisa kodwa manje asekhona amakhambi akwazi ukuthi asiqede nya umuntu ayiyeke imithi ayinikwe odokotela. Uma kuza emdlavuzeni, abantu abamnyama manje kumele bazi ukuthi akusesona isifo sabamhlophe kuphela njengakuqala kodwa sesikhona kithina sonke. Ngakho naso kumele basiqaphele. Kuzona zonke lezi zinto abantu kumele bakukhuthalele ukuthi badle ukudla okunempilo futhi bazivocavoce,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi uyafisa ukuthi bahambele amadolobha ahlukene bafundise abantu ngalezi zifo nangemithi ezobasiza.
Uthe ngonyaka ozayo uhlela ukuthi bagcwalise i-ICC, ukuze bachazele abantu ngamakhambi esintu azobakhipha ebunzimeni bezifo abanazo emizimbeni yabo.
Imikhiqizo athe banayo manje kubalwa iColon Sweeper, Seemos, Detox and Weight Control Tea, Hormone Balance Tea, Sleep Aid & Relaxation Tea, Vita Musculine esiza abesilisa ocansini neVitaFem esiza abesifazane.