“AKUYONA inkinga ukuphila nesifo sengqondo, inqobo nje uma uthola usizo olufanele,“ usho kanje uDkt Samke Ngcobo ophila ne-bipolar disorder.
Engxoxweni neSolezwe, uDkt Ngcobo uthe usephile nalesi simo iminyaka engaphezu kuka-16 kanti uze wamukela ukuthi lena yimpilo yakhe ngo-2017.
Le ntokazi yaseThekwini, kodwa ezinze eGoli ngenxa yomsebenzi wayo wobudokotela, ithe yathola ukuthi ine-bipolar ineminyaka ewu-14 kanti kwakunzima ukuzamukela.
“Ngesikhathi ngitshelwa ukuthi nginesifo sengqondo kwakungelula ukuthi ngamukele. Ngize ngafundela ukuba wudokotela kodwa nakhona bekusenzima. Bengizenyeza ukuthi ngine-bipolar kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngamukela,” kuchaza uDkt Ngcobo.
Kumanje uDkt Ngcobo usebhale nencwadi ekhuluma nge-bipolar nohambo lwakhe nale kule mpilo esihloko sithi Reflections of a Convoluted Mind.
Uveze ukuthi wayebona izithombe sengathi zikhuluma naye kodwa ukuthola usizo olufanele nokudla amaphilisi akhe kumsizile ukuphila impilo ejwayelekile.
“Emuva kokufikelwa isimo se-bipolar ngiphakathi kwabantu nganquma ukuthi ngizokhuluma ngengiyikho futhi ngiwaphuze kahle amaphilisi ami, ngibonane nodokotela bengqondo. Ngasungula inhlangano ebizwa nge-Vocal Mentality lapho ngifundisa khona nge-bipolar,” kuchaza uDkt Ngcobo.
Uthe ukuphumela obala uyathemba ukuthi kuzosiza nabanye ukuthi babone ukuthi izifo zengqondo zingaphatha noma wubani.
“Njengoba ngikhuluma nge-bipolar ngifundisa abantu ukuthi ukuba nesifo sengqondo akusho ukuthi uzocosha amaphepha noma udle emgqonyeni kadoti kodwa noma ngubani angaphathwa yilesi sifo. Okubalulekile ukuthi uthole usizo lwezempilo olufanele,” kusho uDkt Ngcobo.
Ukhale ngokuthi yize odokotela bengqondo besebenza ngokuzikhandla ezikhungweni zikahulumeni kodwa kusenzima kubantu abangenawo ama-medical aid ukuthi bathole usizo nemithi efanele yokubhekana nezifo zengqondo.
Uthe abantu besifazane bakhona emkhakheni wakhe kodwa bancane abaqwashisa ngezifo zengqondo, uyafisa ukuthi bande.
Ugqugquzele abesifazane ukuthi bafunde bakwazi ukuba namandla okuzimela, bafundisane nangokuthi umbona kanjani umuntu ozokuhlukumeza ukuze kuliwe nesihlava esibi sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Uphethe ngokudonsa abantu ngendlebe ukuthi bazisukumele izimo zengqondo ngoba ukungazisukumeli kuzobaphuca amandla okuphila impilo enenjongo.