KUYENZEKA ngesinye isikhathi izitayela zemfashini nokuthanda ukubukeka kahle kwenza ukuthi abanye abantu abakhohlwe ukuthi yini umsebenzi wesembatho sangaphansi. Basuke bebheke ukuthi sihle noma simbi, kwaphela nje!
Ongoti bezempilo bathi uma abesifazane bekhetha izingubo zangaphansi ikakhulu amaphenti, bayakhohlwa ukuthi umsebenzi osemqoka wawo, ukuvikela indawo ebucayi okuyisitho sangasese.
I-Axia Women's Health ithe nakuba amaphenti anoleyisi enza umuntu abukeke kahle kodwa kumele ucabangele ukuthi kungenzekani uma isitho sangasese sihuzuka ngenxa yokuthi ugqoke iphenti elikumpintsha kakhulu noma elingashayisi umoya.
Iqhuba ithi odokotela bancoma ukuthi umuntu wesifazane uma ekhetha izingubo zangaphansi, abheke ukuthi zisilungele yini isitho sangasesse okusho ukuthi sishayisa ngomoya, indwangu esakhiwe ngayo iwasheka kalula.
"Uma kuziwa empilweni yesitho sangasese sowesifazane, kunezinto eziningi ezingenza ukuthi silahle izinga le-pH, okudala ukuthi kube lula ukuthi sihlaselwe iyeast infection nokuthi umgudu womchamo awungenwa amagciwane , i-urinary tract (UTI), noma i-bacterial vaginosis (BV). Amaphenti ayizitayela ezithile angandisa amathuba okuthi amagciwane akhule. Uma umpitsheke kakhulu ungazithola utshabuka esithweni sangasese, " kuxwayisa uDkt Anne Honrby, eluleka kwi-Axia Womens Health.
Uqhube wathi iphenti elithungwe ngendwangu ewukotini yilona elifanele ukusetshenziswa. Wathi livumela ukuthi isitho sangasese siphefumule futhi libamba umswakama odalwa umjuluko. Liphinde libe yi-hypoallergenic okusho ukuthi linodayi omncane noma amakhemikhali ngoba lolu hlobo lwendwangu lunjalo. Kunezindwangu okumele abesifazane bagweme ukuthenga izingubo zangaphansi ezenziwe ngazo, inyilon, i-spandex ngoba zingabamba umswakama futhi zenze isitho sangasese sibe yindawo yokuzalela amagciwane.
Ama-thong (G-strings), uthe abukho ubufakazi bokuthi andisa amathuba okuthi umuntu wesifazane athole izifo. Ezinye izitayela ezifana nezakudala, i-bikini, i-mid-rise, noma ama-boyshort zintofontofo. Uma ungazithandi izintambo noma ukhathazekile ngemigqa ye-phenti, manje kunamaphenti ayizitayela ezingenamthungo ezenza ogqoke zona kube sengathi akafakanga lutho (seamless) ngoba amaphenti awabonakali.
UDkt Hornby uthe, izingubo zangaphansi ezimpintshana kakhulu zingavimbela ukungena komoya futhi zidale umswakama. Okungase kubangele ukuphazamiseka kwezinwele ezisamila. Ukungazigqoki izingubo zangaphansi ebusuku ngaphansi kwephijamu uthe kuyinto enhle ngoba kuvumela ukuthi isitho sangasese siphefumule.
Uqhube wathi kunconywa ukuthi ushintshe izingubo zakho zangaphansi kanye ngosuku. Uma kade ujima wajuluka ungase uzizwe unesidingo sokushintsha izingubo zakho zangaphansi izikhathi ezingaphezu kwesisodwa. Uma ubona umswakama owengeziwe kumele ushintshe.
“Awukho umthetho wokuthi kufanele uzilahle nini izingubo zakho zangaphansi. Uma uzizwa sezinephunga noma sezinwebekile, lokho kusuke sekuphawu lokuthi sekuyisikhathi sezindala zilahle. Washa izingubo zangaphansi njalo uma kade uzigqokile. Khetha insipho emnene engeke ilimaze isikhumba sakho. Kuyanconywa ukuthi usebenzise amanzi antukuntu uma uwasha izimpahla zakho zangasese, ukuze kufe wonke amagciwane,” kweluleka uDkt Hornby.