UKUSHODA nokungabi bikho kwamanzi ezingxenyeni eziningi zezwe kulokhu kuqhubeke njalo,nokubonakala kuwuhlukumeza umphakathi, kangangokuthi ngisho uhulumeni unikezela ngamaloli amanzi, nakho lokho kubukeka kunganeli ukusiza wonke umuntu.
Nakuba umphakathi uvame ukusola uhulumeni ngale nkinga, kodwa imenenja yophiko lwezokucwaninga kwiSouth African Environmental Network, uDkt Zanele Ntshidi ukhombe umunwe ebantwini, ebasola ngokuba yimbangela yokushoda kwamanzi.
UDkt Ntshidi waseMtyu, eNyandeni, e-Eastern Cape, uzeseke ngokuthi ocwaningweni ayelwenza ngenkathi enza i-Honours yakhe yezifundo ze-Environmental and Water Science eNyuvesi yaseWestern Cape, wathola ukuthi amanzi amaningi amoshwa ngabalimi ngenxa yendlela abachelela izithelo zabo ngayo, okwavela ukuthi u-60% wamanzi amoshekayo, umoshwa yibona.
“Ukungafundiseki kwabalimi nabantu jikelele nje ngobumqoka bokonga amanzi, kwenza abantu bawasebenzise budedengu okungesinye sezizathu ezisibeke lapho sikhona manje ezweni.
“Nasemphakathini nje kujwayelekile ukuthi abantu basebenzise amanzi noma yikanjani, umuntu amoshe inqwaba yamanzi entweni ebizodinga amanzi amancane. Konke lokho kudala ingcindezi kwiziphehli zamanzi ezweni,” usho kanje.
Eqhuba, uthe inkinga yamanzi ezweni ayidalwa wukungabi bikho kwamanzi emhlabeni njengoba kolunye ucwaningo alwenzile athola ukuthi u-97% womhlaba usibekelwe ngamanzi, kepha inkinga wukuthi amaningi awo asolwandle, okwenza kungabi lula ukuwasebenzisa engakhucululiwe amagciwane akuwona.
“Kuphinde kuphazamise izinkampani ezenza imikhiqizo engcolisa amanzi emhlabeni, okwandisa umthwalo ezinhlakeni zikahulumeni ezibhekele ukuhlanza amanzi. Yizo zonke izinto ezisibuyisela emuva ezweni ngenxa yezenzo zabantu.
“Siyizwe sihlalelwe wumthwalo wokushumayela ivangeli lobumqoka bamanzi emhlabeni futhi kudingeka sifundise nezingane ezikoleni ukwehlisa umthwalo,” kusho uDkt Ntshidi.
Lo mcwaningi wenze zonke izifundo zakhe eNyuvesi yaseWestern Cape. Une-Degree in Environmental and Water Science yango-2011, Honours in Environmental and Water Science, Master’s in Ecohydrology ngo-2013 nePhD egxile kwi-Agricultural Water Management, ayiphothule ngo-2021.