UKUNGATHOLI izinkampani nezitolo ezaziwayo ukusabalalisa, azidayisele umkhiqizo wakhe wamakhekhe, izinkwa nokunye okubhakwayo yizona zinto ezisavimbezele impumelelo kasomabhizinisi uNkk Thobile Zungu, ukuchumisa inkampani yakhe iMnandi Bakery.
UNkk Zungu uzinze eShayamoya, KwaDukuza, ubambisene nomyeni wakhe uMnuz Fox Zungu, omsiza ukuqhuba umkhiqizo waleli bhizinisi elaqala ezibhakela amakhekhe kwakhe, kwaya ngokuya lagcina lifinyelela ebantiwni abaningi abathanda umkhiqizo wakhe.
Uthe ukhule evele ekhonze ukupheka nokubhaka, okwaholela ekutheni asebenze ezitolo ezahlukene zokudla, kubalwa eBallito naseMhlali, okuyilapho efunde khona okuningi ngomsebenzi wokubhaka imikhiqizo ehlukene yokudla okubhakwayo.
"Ngisizwe nawukuba nenhlanhla
yokungana umyeni okhonze nobenza umsebenzi ofana nowami okungisize kakhulu ukubona intuba yebhizinisi kulo msebenzi, ngisizwa wuyena engicebisa ezintweni eziningi njengoba naye eke wasebenza ezitolo zokudla okwenza aqonde umsebenzi webhizinisi," kusho uNkk Zungu.
Eqhuba, uthe ngokwanda kwabantu abancoma isandla sabo endaweni, kugcine kufika lapho ethola khona ithuba lokuncintisana nabanye osomabhizinisi ohlelweni lokubaxhasa, nokuyilapho ahlabana khona ngosizo lwemali elinganiselwa ku-R1 million yabenkampani Umhlali Quarry, abamsiza ngokumthengela izinsiza zezinto azidingayo kubalwa i-container yokusebenzela, isitokwe sokuqala umsebenzi nemishini yokusebenza.
"Nokho izinto zihambe zagcina zingasenzeki ngendlela efanele ngenxa yokuthi ukudayisela abantu basendaweni nasemgwaqweni abadlulayo akwanele ukusenzela inzuzo esiyidingayo, okusinqinda ekutheni sikwazi ukufukula nokuchumisa ibhizinisi lethu ngoba linomkhiqizo omuhle kakhulu kepha sishoda ngemakethe enkulu yokulichumisa," kusho yena.
Uthe abakubheke kakhulu manje wukuqhubeka nokuzikhandlela ukuthi ibhizinisi labo laziwe ezindaweni ezahlukene ukuze badobe iso lemakethe enkulu, okuzokwenza bakwazi ukusimama, bakhulise nomndeni wabo, kubalwa nezingane zabo eziyisithupha ezithembele enzuzweni yebhizinisi labo ngoba wukuphela kwento abaphila ngayo.