OSEZAKHELE igama emkhakheni wokwenza imifaniswano nokubhala izimpahla eThekwini, ibhizinisi lakhe waliqala ngo-R50.
UNksz Phindy Phindela ongumnikazi wenkampani eyenza imifaniswano iphinde iyibhale iBillionaire Clothing, ezinze enkabeni yeTheku, ibhizinisi waliqala ngo-R50 athenga ngawo amaphepha namacrayon wenza amakhadi eValentine’s Day, iMother’s neFather’s Day.
Ngesikhathi eqala leli bhizinisi wayesayisitshudeni enza izifundo ze-Information Technology eDCC. Ngo-2016 leli bhizinisi lazala elokubhalwa kwezimpahla
"Ngabona ukuthi ngingaphila impilo engcono ngebhizinisi, ngifane nabanye abantu. Ngasungula inkampani yezimpahla enamakhasimende ayizinkampani ezisuke zithenge izimpahla ezifuna zibhalwe amagama azo.
“ Izikole ezifuna izimpahla ezibhalwe amagama azo, kanjalo namakhasimende angabantu nje, abafuna ukubhalelwa okuthile ezimpahleni zabo," kusho uNksz Phindela.
Ibhizinisi noma lisebenza, kodwa uNksz Phindela ukholelwa ekutheni kumele alisekele ngemfundo ukuze lisebenze ngendlela efanele futhi namakhasimende ahlale egculisekile. Yingakho eminyakeni edlule afundela iFinancial Management ayenza eHolland College, eCanada.
Ukukhula kwale nkampani sekuvule amathuba omsebenzi kwabanye njengoba manje enabasebenzi abahlanu abasebenza ngokugcwele nabayitoho abasebenzisa uma kunomsebenzi omningi.
Isifiso sakhe esikhulu ukubona inkampani yakhe isabalala itholakale kuzo zonke izifundazwe nakwamanye amazwe.
Ngaphandle kwaleli bhizinisi uNksz Phindela ubhale incwadi ethi ‘ Future Billionaire Self Made Entrepreneur ‘, ahlose ngayo ukuvula ingqondo yabanye abantu bakwazi ukuzimela emabhizinisini.
"Ngifisa abantu bazi ukuthi amaphupho ayafezeka uma uzimisela. Ungabheki isimo sasekhaya ngoba ungakwazi ukusishintsha ngelinye ilanga.
“Abantu besifazane kuningi okuhle abakwenzayo abangazakhela ikusasa elihle ngakho uma bekwenza ibhizinisi, "kuchaza uNksz Phindela.
Uma engekho matasa nomsebenzi wakhe umenywa ezindaweni ezahlukene, ayocobelela intsha nabanye osomabhizinisi ngolwazi. Uphinde ethule nezinkulumo ezakhayo ezisiza abalahlekelwe ithemba nabafisa ukuzithuthukisa.
Ephetha uNksz Phindela uveze ukuthi yize iNingizimu Afrika intula amathuba omsebenzi, akhona amabhizinisi asenamathuba, abantu abangaziphilisa ngawo.