NAKUBA ubuye ube nezinselelo umsebenzi wephoyisa, uConstable Nomfundo Lihle Mlotshwa wokuphenya amacala odlame lwasemndenini, ukuvikelwa kwezingane naphathelene nocansi kodwa kaliziboni liwushintsha umsebenzi walo.
Nyakenye uzuze indondo yokuba yiphoyisa eliwaqwaqwade wonke esifundazweni, emunxeni weFCS Investigator of the Year: Level: 5 - 7 nonyaka.
Leli phoyisa eligcwele ukuzethemba, selineminyaka engu-10 lisembuthweni wamaphoyisa. Imisebenzi yalo isiyaqala ukuthela izithelo njengoba seliqalile ukuwola izindondo ngomsebenzi walo omuhle.Ubuye wanqoba omunye umklomelweni weGagasi FM owaziwa ngokuthi amaShero Awards.
Engxoxweni abe nayo neSolezwe, uthe ukusebenza ngokuzikhandla nokuba nothando lomsebenzi wakhe yikho okumbeke ezingeni asefinyelele kulo njengamanje.
"Ngesikhathi ngijoyina umbutho ngo-2013 ngokugcwele emva kokuqeqeshwa iminyaka emibili, bengimncane ngingenasipiliyoni kodwa ukufikela ezandleni ezifudumele zozakwethu, abanginika konke ukwesekwa engangikudinga, yikho okungibeke lapha,” kusho uConst Mlotshwa ongowokuzalwa eMpendle, wakhulela eMgungundlovu, manje usehlala eClermont.
Uthe ufike esiteshini samaphoyisa sasePinetown asasebenza kuso namanje, ithimba lakhona linomkhuba omuhle wokuhalaliselana uma oyedwa kulo enze kahle.
“Lokho bekungigqugquzela ukuthi ngisebenze ngokuzikhandla, ngaphokophephelela ukuthi nami ngishayelwe ihlombe ngelinye ilanga. Sekuyenzeka manje,” kusho uConst Mlotshwa.
Uveze nokuthi enye into emkhulisile emsebenzini wakhe, wukungavumi ukuhlulwa yinto nokubuza kwabanesipiliyoni esingaphezu kwesakhe, uma kukhona lapho afuna ukuthekela khona ulwazi.
Echaza ngobunzima, uthe abucayi amacala abawasebenzayo ophikweni ajutshwe kulo futhi bahlale bekulindele ukubhekana nezinselelo ezahlukene uma bephenya.
Enza isibonelo ngezinye zezigigaba ake wahlangana nazo, uthe: “Kwesinye isikhathi kuyenzeka kudingeke ukuthi uye endaweni yesigameko, lapho okudlwengulwe khona umgilwa. Uthole ukuthi indawo yesigameko ikubo kamsolwa. Uzothi uyafika khona, ufike ungakutholi ukwamukeleka kahle, futhi ufice nobufakazi sebebuphazanyisiwe ngenhloso yokuthi bavikele umsolwa.”
Ubuye wathi: “Kuyenzeka futhi kwezinye izikhathi uthole ukuthi umgilwa ngendlela ahlukumezeke ngayo, akasafuni nokubuyela endaweni yesigameko ngoba lokho kumvusela amanxeba.”
Uthe yizingqinamba ezifana nalezi ezidinga ukuthi basebenzise amakhono abo, ukuqinisekisa ukuthi bayabuthola ubufakazi ababufunayo futhi bebe becabangela nemizwa yabagilwa abasuke behlukumezekile.Ephawula ngendondo asanda kuyithola emaphoyiseni, uthe imenze wazizwa egcwala umuzwa wenjabulo nowosizi kanyekanye.
“Ngajabula kakhulu sengibona ukuthi isifiso sami, sokuthi ngelinye ilanga ngihambe phambili emsebenzini wami sesiyafezeka.
“Kunabaseshi engabafica ophikweni ngasebenza nabo, ababehlale bethola izitifiketi ngokwenza kahle, bashayelwe ihlombe. “Ngasenza isifungo sokuthi nami ngiyobongelwa ngelinye ilanga uma ngisebenze kanzima,” kusho uConst Mlotshwa.
Yize engafunanga ukugxila kukhona, uthe ziyaba khona iziwombe lapho bengabaseshi baye babone sengathi zincane izigwebo ezikhishwa yizinkantolo, kodwa kube yikho ukuthi akukho abangakusho ukuthi zishintshwe.
Ubuye waveza nokuthi ngenxa yokunyuka kwezibalo zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, kuyenzeka kubuye kubonakale sengathi zincane kanti yingenxa yokukhula kwezibalo zobugebengu balolu hlobo.
Uphethe ngelithi bayakholelwa ekutheni uma kungaba khona ukubambisana phakathi kwabo nezinhlaka ezehlukene zomphakathi, singanqotshwa isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
Uthe lokhu ukusho ngoba imikhankaso abayenza ezikoleni nasemphakathini, iyawenza umehluko, bathola izinkinga ebebengeke bazithole uma bengaphumanga bayoxoxa nomphakathi.