UKUZETHEMBA ngezinqumo abazenza ngemali kungashintsha indlela abesifazane ababonakala ngayo ezindaweni zobuholi emikhakheni yezezimali. uNksz Charmain Shandu ongomunye wabaphathi abasezikhundleni eziphezulu enkampanini yomshwalense i-Old Mutual ukholwa ukuthi abantu besifazane bangenza okuningi emkhakheni wemali uma benikezwa ithuba lokuphatha imali besafunda ezikoleni nasemanyuvesi.
“Inkinga ukuthi abanye abantu besifazane abakwazi ukuziphathela kahle imali yabo ngenxa yalokho bagcine sebengabaza ukungena emkhakheni wemali. Ezinye zezingqinamba ababhekana nazo ukuthi bayingcosana abanikwa amathuba okuba abaholi ezinkampanini,” kusho uNksz Shandu.
Uthe kwaba yinhlanhla ukuthi angene kulo mkhakha futhi wakhetha ukuhlala kuwo ngoba esebone izindlela zokwakha umnotho namathuba okukhula komnotho wabesifazane.
Echaza uthe uma umuntu wesifazane engabeka imali yakhe,ngeke sibekhona isidingo sokuthi ahlale othandweni ahlukunyezwa kulona noma olunodlame.
UShandu uthe esakhula KwaMashu wayehlezi ebona abantu besifazane behlukunyezwa ngabantu abasondelene nabo, ezibuza ukuthi yini imbangela yokuthi bahlale kulobo budlelwano waze wakhula eseqonda ukuthi ngesinye isikhathi imali idlala indima enkulu othandweni.
“Ngenza izinkulumo lapho ngangiqwashisa khona abesifazane ngokuphatha imali nokwakha umnotho. Kulezo zinkulumo ngangibachazela ngempilo yami nokuthi ngasebenza kanzima kangakanani ukuze ngize ngikwazi ukuzimela. Ngashada nomuntu owayengihlukumeza ngokwemali. Wayengihlukumeza ngokunqaba ukulekelela uma kuthengwa izinto zasendlini nokunakekela izingane. Njengabanye abesifazane abaphumelele, ngahlukunyezwa ngokwemali, futhi kuthatha isikhathi ukuthi abesifazane babone ngoba basuke bekwazi ukuzimela,” kusho uShandu.
UNksz Shandu ukubeke enhliziyweni ukuhlukunyezwa ngokobulili futhi ukuqhakambisa lokho usezinikele ngokugqoka izingubo ezimnyama njalo ngoLwesine.
“Ngigqoka izingubo ezimnyama njalo ngoLwesine ngoba ngiveza ukuthi ngiyingxenye yababhikishela ukuphela kwalesi sihlava sokuhlukunyezwa ngokobulili. Uma abantu bengibuza ukuthi yini ngigqoke kanje, ngiyabatshela bese ngesinye isikhathi ngibone nabo begqoka kanjalo bese bengishuthela izithombe zabo. Lokhu kuyangijabulisa ngoba kusho ukuthi nami ngendlela yami ngenza umehluko othile ukuze abantu bakhulume ngalesi sihlava,” kusho yena.
Uphinde abe ngumsubathi uma engekho emsebenzini futhi unomkhankaso i- #MyActive16 lapho exwayisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane emidlalweni ngabaqeqeshi babo.
“Angizigqaji ngokuba umuntu wesifazane ohlala kuleli ngoba isikhathi esiningi ngiphila ngokwesaba. Ngibona ngingaphephile mina namadodakazi ami. Angizigqaji ngokuba owesifazane ezweni lapho uhulumeni engathathi izinqumo zokuvikela abesifazane kulesi sihlava futhi ukubika icala kuvamise ukuhambisana nokuhlukunyezwa okwengeziwe. Abanye besifazane sebake badlwengulwa beyobika amacala emaphoyiseni. Uma ube nenhlanhla ukwazile ukuvula icala, abahlukumezi abagwetshwa noma basheshe baphume babuyele emphakathini bayoqhubeka lapho begcine khona. Kuningi engingakubala okungangijabulisii, kusho uNksz Shandu.