ZININGI izinto ezingaba yimbangela yokuthi owesifazane angakhulelwa yize efisa ukuthola umntwana. Kungaba yizinkinga zikaphathina azama naye ukukhulelwa, ezempilo yowesifazane nokunye okuningi.
Ongoti bezifo zabesifazane beluleka abesifazane abazama ukukhulelwa ukuthi ngaphambi kokuthi bachithe imali eningi besebenzisa imikhiqizo ebizayo, beya nakongoti abamba eqolo, kumele baqale benze izinto ezilula ezingenza bakhulelwe ngokushesha.
UDkt Mavis Nqumako oyiGynaecologist, uthi ukushintsha indlela owesifazane aphila ngayo okubalwa ukuyeka utshwala, ukudla ngendlela efanele ngezinye zezinto ezibalulekile kowesifazane ozama ukukhulelwa.
Nakhu okunye okungakusiza:
Bhekisisa isisindo somzimba
-Ukuba mncane ngokweqile noma ukukhuluphala ngokweqile kungenza ukuthi umzimba wakho ukuthole kunzima ukukhiqiza amahomoni asiza owesifazane akhulelwe. Kwenze nokuthi isigaba esenza owesifazane akhulelwe i-ovulation, singenzeki ngendlela.
Gwema izifo ezithelelana ngokocansi, uma unaso selaphe
-Izifo zocansi ezinjengegonorrhea zenza kube nzima ukukhulelwa kowesifazane. Uma kwenzeka uzithola unesifo esithelelana ngokocansi, shesha uthole ukwelashwa. Uma uzama ukukhulelwa, cela udokotela ahlole igazi lakho ukuthi akukho sifo socansi onaso ngoba ezinye ziyacasha zingabonakali izimpawu zazo.
Gwema ukusebenza ebusuku
-Ukungaphumuli ngendlela ikakhulu ukungalali ngendlela kungenza ukuthi kube nzima ukukhulelwa. Uma ikhona indlela yokugwema ukusebenza ebusuku, yenza kanjalo. Kungenjalo qinisekisa ukuthi unika umzimba wakho isikhathi esanele sokulala.
Yehlisa ukuphuza ikhofi
-Ikhofi nezinye iziphuzo ezine caffeine kungenza ukuthi amahomoni asiza ukukhulelwa angakhiqizeki ngendlela.
Musa ukuzivocavoca kuze kweqe
-Ukunyakazisa umzimba yinto ebalulekile kodwa odokotela bathi ukuzivocavoca kanzima kowesifazane kungenza kube nezithiyo ekukhulelweni. Bathi nakho kuphazamisa i-ovulation. Okungenani bathi kumele unyakazise umzimba amahora amahlanu, nakhona kungabi wukuqukula izinsimbi ezisindayo.
Gwema amakhemikhali
-Kumele uwagweme amanye amakhemikhali atholakala ezintweni ezinjengomanyolo, izinto zokuhlanza indlu namathoyilethe kumele. Kungaba nemithelela engemihle emizamweni yakho yokukhulelwa.
UDkt Nqumako uthi uma usukwenze konke kwahluleka, kumele ungachithi sikhathi, ubonane nodokotela ukuze akuxilonge akweluleke nangezinye izindlela ezingenza ukuthi nawe ugcine unengane ethi wena.
“Kubalulekile ukuthi uma uya kudokotela ngalokhu, uhambe nomyeni wakho noma uphathina ozama naye ukukhulelwa ukuze nobabili nixilongwe,” egcizelela uDkt Nqumako.