UKULALELA izeluleko zabantu ngohlobo lomsebenzi omfanele yikona okumvulele amathuba amahle uSbongile Tiny Dlamini.
Le ntokazi eqhamuka endaweni yakwaNyuswa entshonalanga yedolobha iTheku ithi yayisebenza ezitolo zokudla, ithanda ukuziphaqula nokuzigcina iyinhle futhi ibukeka njalo uma isemsebenzi.
Ithi lobu buhle bayi yibona obabenza amakhasimende akhe amyale ngokuthi akayofuna umsebenzi wezobuhle ngoba ubonakala enekhono kuloku.
Uthi yize wayezishalazela lezi zeluleko, kwafika umuntu awayenesikole esifundisa ngokuzicwala nokwenza izinzipho owammema ukuba azofunda.
“Kunekhasimende elafika langiqonda ngqo, lithi angizofunda esikoleni iTech ngenze izifundo zobuhle, nebala nganikela khona kuqala unyaka ka-2017 ngafunda unyaka wonke,” kusho uTiny.
Uthi waqala ukufuna umsebenzi engakasitholi nesitifiketi, ngenhlanhla waqashwa esitolo seSorbet eHillcrest lapho ayesebenza khona njengeBeauty Therapist.
Yize kwakungelula eqala kusebenza, ukuzinikela kwakhe nokuthuthukisa ikhono ngokwenza izifundo zangaphakathi kwamsiza kakhulu ngoba ngo-2019 umqashi wakhe wamnxusa ukuthi athathe isikhundla sokuba ngumphathi.
“Ngasinqaba lesi sikhundla ngoba ngizibona ngingafanelwe yisona. Yize kunjalo, umphathi waqhubeka nokungigqugquzela ukuthi ngisondele kumphathi omusha ngifunde ngokwenziwayo. Ngagcina ngikhula kanjalo ngagcina nami sengingumphathi ngokuphelele,” kuqhubeka yena.
Uhlelo lwe-Sorbet-Prenuer lwaqala ngonyaka odlule lapho kwakukhethwa abasebenzi balezi zitolo ezweni lonkana babeqhudelana ngenhloso yokuzuza isitolo.
Uthi kubasebenzi abangu-74 abangenela baba ngu-11 abamenywa eGoli ukuze baqhudelane phambi kwamajaji bethula izinhlelo zabo ezahlukene ngokuphatha ibhizinisi.
“Ngangithukile futhi kwesinye isikhathi ngizenyeza ngendlela okwakunzima ngayo. Sanikezwa imizuzu engu-45 ukwenza izethulo zethu mayelana nokuphatha nokulawula ibhizinisi.”
Izimemezelo zabaphumelele zenzizwa kuzo zonke izitolo zeSorbet ngobuchwepheshe besimanje nokuyinto eyamfakela ingcindezi ngesikhathi kubizwa abathathu abaphumelele elakhe lingaveli igama.
Kwabaphumelele abamenyezelwa uthi kwathi uma kubizwa igama lakhe, wathuka woma.
Kwaqhuma umkikizo kwamnandi kwanjeyaya ngoba wayehleli nozakwabo nomqashi wakhe ngesikhathi kubizwa amagama alabo abazohlomula ngezitolo zabo ngoxhaso lweSorbet ibambisene neBidvest Bank.
UTiny unikezwe ngokusemthethweni isitolo sakhe iSorbet Broadway esemgwaqweni uSwapo eDurban North ngomhla ka1 kwephezulu.
Le ntokazi ithi ilithakasele leli thuba futhi izoliphathisa okwezikhali zamaNtungwa. Ithi ulwazi lomsebenzi nokuqeqeshwa abakuthola kubaholi beSorbet yikona okumenza abe nogqozi.