EKUBHAKENI
U-BAKING soda abaningi bawusebenzisela ukukhukhumalisa inhlama uma bebhaka amakhekhe, izinkwa, ama-muffin namabhisikidi kodwa kuningi okunye okuwusizo ngawo.
UKUHLANZA UMLOMO
U-baking soda noma u-bicarbonate of soda uyasiza ukuhlanza umlomo njengoba ufinyelela emakhoneni omlomo kanye nesemifantwini yamazinyo, izinsini, nolimi okungenzeka ukuthi akuhlanzekanga ngesikhathi uxubha. Uma ufuna ukuzenzela okokugeza umlomo ngo-baking soda, ufaka uhhafu wethispuni wawo emanzini antukuntuku awuhhafu wenkomishi bese uyaxubha.
EMAKHWAPHENI
U-baking soda uyasiza ekubulaleni amagciwane ashintsha umjuluko wasemakhwapheni awenze unuke kabi. Uhlanganisa u-baking soda namanzi amancane kube saphalishi, ukugcobe emakhwapheni njenge-roll-on. Amagciwane ashintsha umjuluko ayafa bese kuphela iphunga elibi.
UKUHLANZA EKHISHINI
U-baking soda ubuye usetshenziselwe ukuhlanza endlini okungaba ukuhlanza usinki, ukususa amafutha kuhhavini, ukuhlanza izinkomishi ezigqwaliswe yikhofi noma itiye. Ngokujwayelekile uma uzohlanza ngawo ekhishini uwuhlanganisa novinegar noma nolamula, ugoqoze kube saphalishi bese usebenzisa indwangu ugcobe leyo ndawo ofuna ukuyihlanza, ulandelise ngendwangu enamanzi bese uyesula.
UKUSUSA UKHULA
Ukhula luvame ukuba nezimpande ezijulile, okwenza kube nzima ukuluqeda ngaphandle kokusebenzisa izibulali-khula ezinamakhemikhali.
U-baking soda ungawusebenzisa njengesinye sezibulali-khula esishibhile futhi esiphephile. I-sodium ephezulu eku-baking soda yenza kube nzima ukuthi ukhula lukhule. Uwufafaza lapho kunokhula khona ukuze lungakhuli. Gwema ukuwufafaza ezingadini otshale kuyo izimbali nemifino ngoba kungenzeka kugcine kufa nezitshalo ozitshalile.