AMAGAMA anikezwa umuntu wesifazane otholele ingane ekhaya akumele akukhinyabeze, kumele uthathe ngokuthi uqhuzukile uvuke uzithathe.
Lokhu kushiwo uNksz Samukelisiwe Msomi, waseMbumbulu ongomunye wabasunguli bombuthano wabesifazane abatholele izingane emakhaya. Bawusungule ngenhloso yokusekana nokukhuthazana ukuze bavuke bazithathe ngemuva kokuqhuzuka ohlangana kuWhatsApp.
Lo mbuthano udume ngokuthi amaQ, okuwukunqamulela igama elithi amaqhasha.
Uthe ezindaweni abahlala kuzo umuntu wesifazane othole umntwana ekhaya ubizwa ngeqhasha, okuchaza ukuthi wehlulwe ukuzigcina, akusafanele ukuthi athathwe ontanga yakhe. Sekumele uma kwenzeka egana athathwe ikhehla noma indoda eyashonelwa unkosikazi kodwa hhayi untanga yakhe.
"Leli gama libuhlungu, yebo usuke wonile kodwa kwabanye abantu besifazane liyahlala lakhele lenze ukuthi azibone engaselutho. Kulesi sikhathi samanje abantu besifazane abakhulelwa bengashadile sebebaningi. Asikukhuthazi kodwa sithi uma sekwenzekile iqhasha alisukume libhekane nempilo. Abaqhuzuka bayeka ukufunda siyabakhuthaza ukuba bayofunda ebusuku ukuze bathole u-matric, asebesesigabeni sokuthi badinga amakhono benze amakhono azobasiza ukuze bakwazi ukuziphilisa," kusho uNksz Msomi.
UNkk Nomnotho Mdadane uMaDlamini ongomunye wabasunguli balo mbuthano, uthe wathola ingane ngo-2002 waze washada ngo-2022 esethole ingane engakashadi.
"Yize ngase ngiganile kodwa ingane ngayithola ngisasekhaya, ngabizwa ngeqhasha. Leli gama likwenza uzenyeze, ukhipheke nenyumbazana kwabanye abantu besifazane. Kuze kushiwo ukuthi awunaso isithebe uma kuhlatshiwe emakhaya kunomcimbi.
Uthe ukuze besekane baqale ngokuthi badlale izitokofela zokudla besebenzisa imali yeqolo ngo-2017 benzela ukuthi izingane asebezizele zidle.
"Sithe uma siphumelela isitokofela sokudla saqhubeka sadlala esemali, esokwakhisana izindlu emakhaya ukuze sikwazi ukulala nalezi zingane esizizele singahluphi abazali okwesibili. Manje sesidlala izitokofela zokufundisa izingane , ezokuhambisa imibondo ezokwenza imicimbi efana nememulo. Umemulo uyinto ebalulekile kumuntu wesifazane kodwa eminye imindeni ayikwazi ukubenzela abesifazane ngenxa yemali. Uma sesihlangene siyakwazi ukushayelana imali owesifazane enzelwe umemulo. Sikwazi ukuthenga inkomo uma kuwukuthi iyona eshodayo. Lokhu kusenza sizigqaje ngoba sesishintshe ihlazo lethu sazithuthukisa. Siqale singamaqhasha asesigodini esisodwa saseMbumbulu manje sesenabele nakwezinye izigodi, okuyiNgonyameni, eMadundube naseMlaza," kusho uNksz Msomi.
UNkk Mdadane, uthe babuye belulekane ngokuhlukunyezwa kwabesifazane, ukukhuliswa kwezingane nezinye izinkinga zemindeni ezibhekana nabesifazane abangamaqhasha nasebeshadile kodwa abaqale baba ngamaqhasha.