UTHI awukho umsebenzi wamadoda uNksz Phumelele Hlongwa (38), oshayela o-crane abadiliza amakhonteyna emikhunjini baphinde bawalayishe.
UNksz Hlongwa odabuka KwaMsane, eMtubatuba, uthe abesifazane akufanele bazithambise bazitshele ukuthi kunemikhakha abangeke bangene kuyo ngoba sekuyibona abanakekela imindeni.
Le ntokazi efunde eMazama Primary School, yadlulela ePhiwamandla High School lapho iphothule u-matric, ithe ayizange iye esikhungweni semfundo ephakeme kodwa yathola umfundaze (Learnership), enkampanini yamaloli i-Unitrans.
“Emuva kuka-matric ngiye ngafundela ukushayela amaloli e-Unitrans. Ngiwumuntu othanda ukusebenza emikhakheni engajwayelekile kwabesifazane ngoba ngihlale ngizitshela ukuthi awukho umsebenzi wamadoda kodwa umsebenzi wumsebenzi. Ngifisa abesifazane bayeke ukuzitshela ukuthi kunemisebenzi yamadoda neyabesifazane kodwa basebenze ukuze baphile impilo entofontofo,” kuchaza uNksz Hlongwa.
Uthe emuva kokuphela komfundaze wase-Unitrans wadlulela eMainline lapho aqashwa khona eshayela amaloli wasebenza iminyaka embalwa wabe esefaka isicelo somsebenzi eTransnet.
“Ngifike ngafundiswa ukuba yiDAV (Driver Articulated Vehicle) okuwumshini oqukula amakhonteyna elolini. Ngibe sengidlulela ekubeni wu-controller, kuyimina engilawula umsebenzi wokuthululwa kwamakhonteyna. Kwathi ngo-2022 ngaba wumshayeli wo-crane,” kusho uNksz Hlongwa.
Uthe uqukula amakhonteyna emkhunjini, kufanele avule izicabha zomkhumbi ezinkulu ukuze akwazi ukuwakhipha kahle.
Ubalule ukuthi umsebenzi wakhe udinga umuntu onesineke, ohlale ejabule ngoba kufanele ucophelele uma uqukula amakhonteyna emkhumbini.
Uyakuthanda kakhulu ukuba kulo mkhakha obuthathwa njengowamadoda ngoba umele imbokodo.
Izingqinamba abhekana nazo ubalule umoya oye ugudle ngamandla uze uphazamise izinhlelo zokusebenza.
“Kufanele wazi isivinini somoya ukuze wazi ukuthi kusaphephile yini ukuqukula amakhonteyna. Okunye wukuthi ingqondo kufanele ihlale ihluzekile ukuze usebenze kahle,” usho kanje.
Lo msebenzi awukhethile ukuthi wenze ziphi izifundo, inqobo nje uma uno-matric, idrivers license ngoba iTransnet iyakuqeqesha esikoleni sayo samachweba.
UNksz Hlongwa unezingane ezintathu kanti uthe uma engasebenzi uchitha isikhathi nazo.
Uphethe ngokugqugquzela abesifazane wathi abayeke umqondo wokuthi kunomsebenzi wamadoda ngoba uma umsebenzi uholela kahle wonke umuntu angawenza.