AMAWELE angene emkhakheni wokushayela amaloli ebukela komalume, achonywe uphaphe ngokuba ngabesifazane abangabashayeli abawenze kahle lo msebenzi kulo nyaka.
UNksz Amanda no-Ayanda Ngubane (26) abadabuka eRichmond abasebenza eCrusade Logistics, bachonywe yiTruckers Association of South Africa-TASA (TASA), emcimbini wokuchonywa kwabasebenza emkhakheni wokuthuthwa kwempahla kuleli, i-Annual South African Freight Awards. Bachonywe uphaphe emunxeni, iFemale Truck Driver of the Year.
UNksz Ngubane (Amanda), ongumnikazi wekhasi leFacebok i-Stufuza nzena iwele lakhe nelikaTikTok, nelithi Stufu67, uthe ukuchonywa kwabo uphaphe kuzalwe inhlokomo ebiyenziwa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yezeluleko azinikeza abantu kula makhasi nangokuzimisela uma besebenza.
Uthe ikhasi leFacebook waliqala ngoba bengawutholi umsebenzi enzela ukuthi abashayeli bamaloli ababone izikhala zemisebenzi bazifake.
"Ngibuye ngifake izithombe zami nezewele lami sidansa eduze kweloli. Eziningi kuzo ezami ngoba mina ngiyazithandela ukushutha kanti iwele lami alinandaba nezinkundla zokuxhumana. Alifaki lutho kuzo, okukhona ngalo kufakwa yimina noma nalo likhona. Kuba nabantu abasha ababuza ukuthi uma befuna ukushayela amaloli bangenza njani, ngibaphendule. Abanye babhale uma sebewatholile amalayisensi nemisebenzi. Manje sengibuye ngithathe ama-video ngikhombisa ukuthi iloli ngilipaka kanjani, nokunye nje engisuke ngifuna ukukukhombisa abantu. Nginabalandeli abangaphezulu kuka-120 000 kwiTikTok kanti kwiFacebook nginabalandeli abangaphezulu kuka-43 000," kusho u-Amanda.
Uthe baqede u-matric ngo-2015 batshela unina ukuthi bafuna ukushayela amaloli njengomalume babo.
"Asikaze sibe nesifiso sokwenza omunye umsebenzi ngaphandle kwalowo. Umama wasinika imali yokuthi sifunde i-learners Ngo-2017 sabona isikhangiso sokuthi kufuneka abesifazane abanothando lokufundela ukushayela u-code 10 no-code14 okwakuyiLearnership yakwaMainline Frieght. Safaka isicelo sobabili kodwa kwabizwa iwele lami. Ngaliphelezela liyokwenza inhlolokhono," kusho yena.
Uqhube wathi ababezokwenza inhlolokhono babenikwa ama-CV abo, udadewabo wanikwa iCV yakhe. Wase eyasho ukuthi akuyona eyakhe ekadadewabo.
"Bathi benze iphutha bebecabanga ukuthi womabili amaCV awomuntu oyedwa. Ngabizwa emnyango, Saqala sobabili ukufunda," kusho uNksz Ngubane (Amanda).
Uthe iLearnership yaphela ngo-2018 kwaba nzima ukuthi bathole umsebenzi okwenza ukuthi avule ikhasi kwiFacebook.
Uthe bake basebenza eCheckers naseWoolworths ngaphambi kokuthi basebenze eCrusaders.
"Sishayela amaloli ahambisa impahla KwaZulu-Natal, asiphumeli ngaphandle. Asikaze sibe nayo ingozi kodwa mina ngike ngaqhunyelwa ithayi nokuyinto esabisayo uma ungalindele. Lo msebenzi unabantu abaningi besilisa, uma ungowesifazane omncane kuba nokukungabaza. Kumele ukhombise ikhono lakho ukuze wethenjwe. Okubuye kusilekelele kakhulu ukuthi sifake khona ezinkundleni zokuxhumana sikhombise ukuthi siyalibamba iloli nathi singabesifazane,“ kusho u-Amanda.
Iwele lakhe u-Ayanda ongathandi ukuxoxa, uthe uma omunye ethole umsebenzi kuqala benza isiqiniseko sokuthi uyasho ukuthi unewele nalo linesipiliyoni esilingana nesakhe ngoba bathanda ukuhlale bebonana.
"Asihlukani, kumnandi ukusebenza lapho kusebenza khona iwele lami ngoba siyesekana noma singehlukana ngezikhathi zokungena," kusho u-Ayanda.