UDOKOTELA owelapha izifo zabesifazane, uDkt Dheshni Naidoo, uthi amadoda awaseke izithandwa zawo ezikhulelwe.
UDkt Naidoo uthi ingane iqala ukwakha ubudlelwano nabazali bayo isakhula esiswini sikanina ngakho kubalulekile ukuthi bobabili babe khona ngaso sonke isikhathi.
Uthe amadoda aye abone sengathi awahlangene nezindaba zokukhulelwa kwezithandwa zawo. Abanye besifazane basuke bengawathandiswa.
“Amadoda azithola engazi ukuthi kufanele enze njani uma owesifazane ekhulelwe. Ngicela ukuthi ameseke noma ngabe akayithandiswa indoda yakhe. Kufanele ahambe naye uma eyoxukuza ukuze ingane izwe ukuthi ubaba uhlale ekhona. Phela ingane yakha ubudlelwano nabazali bayo isakhula esiswini,” kuchaza uDkt Naidoo.
Uthe amadoda awangagcini nje ngokubanikeza imali nokubathengela oncamnce omama abazithwele kodwa mawacathule nabo kule ndlela yokukhulelwa.
Ubalule ukuthi lokhu kuyasiza ukuthi owesifazane akhulume ngemizwa yakhe noma esetetile.
Uveze ukuthi abanye baye bahlaselwe wumzwangedwa uma sebetetile ngakho kuba lula ukubafunela usizo uma amadoda esondele kubona.
Uthe izingane, obaba bazo abasuke besondele konina ngesikhathi bekhulelwe, ziphila kahle.
UDkt Amori Jordaan, otetisa abesifazane, uthe indoda eqala ukuba yingxenye yokukhulelwa kowesifazane ikuthola kulula ukusiza noma sekukhona ingane.
“Abesifazane bathwala kanzima ngenxa yokuba nezingane. Ukukhulelwa nokukhulisa ingane wumsebenzi onzima futhi ongaholeli. Imizimba yabo iyashintsha yingakho beze banikwe nekhefu lezinyanga ezimbalwa ukuze bakwazi ukubhekana nesimo sokuba nengane. Kufanele amadoda abaseke,” kusho uDkt Jordaan.
Uthe amadoda angenza izinto ezilula njengokuhamba nowesifazane ukuyoxukuza, ukuba seduze kwakhe uma eseteta nokuthi babaphekele babasize nangeminye imisebenzi yasekhaya.
Uveze ukuthi akulula ukubhekana nesimo sokukhulelwa uwedwa, ubuye ukhulise ingane bese wenza nemisebenzi yasendlini.
Uthe kubalulekile nokuthi amadoda aqinisekise ukuthi abesifazane baphila kahle uma bekhulelwe ngokungayibeki impilo yabo engcupheni.
“Amadoda kufanele aqinisekise ukuthi owesifazane okhulelwe udla ukudla okunomsoco, uyazivocavoca, akaphuzi futhi akabhemi. Nayo indoda uma iphuza noma ibhema kungakuhle ukuthi ingasabhemeli phambi kwesithandwa sayo ngoba phela owesifazane okhulelwe kufanele ahlale ewumqemane,” kuchaza uDkt Jordaan.
Isolezwe lithole ukuthi abesifazane abavamise ukuhamba nezithandwa zabo yilabo abaya ezibhedlela ezizimele.
Emitholampilo kahulumeni amadoda athe ayaxoshwa njengoba onesi baye bethi bafuna kuze abakhulelwe kuphela.
Mhlawumbe lesi simo sizoshintsha uma sekusebenza uhlelo lweNational Health Insurance (NHI) kwazise uhulumeni uhlose ukuletha ukulingana kwezempilo, kuzofika nodokotela abawongoti emikhakheni ehlukene ezibhedlela zomphakathi.