ABESIFAZANE abanegciwane lesandulela ngculazi iHIV banamathuba aphindaphindwe kathathu okuthi bathole umdlavuza womlomo wesibeletho uma beqhathaniswa nabanye abangenaso lesi sifo.
Lokhu kuvezwe ucwaningo lwakamuva obelenziwa i-University of Cape Town ngokubambisana ne-University of Bern eseSwitzerland olushicilelwe emqingweni i-International Journal of Cancer.
Abacwaningi ebebenza lolu cwaningo basebenzise ulwazi abaluthathe emafayeleni eziguli zabesifazane ezingamalungu emishwalense yezempilo eNingizimu Afrika phakathi kukaJanuwari 2011 noJuni 2020.
Kwabesifazane abangu-517 312 okusetshenziswe ulwazi lwabo lwezempilo, kubo abangu-564 okutholakale ukuthi banomdlavuza womlomo wesibeletho. Bonke bebenegciwane lesandulela ngculazi.
Ithimba ebelenza ucwaningo lithole ukuthi abesifazane abane-HIV basengcupheni cishe ephindwe kathathu yokuba nomdlavuza womlomo wesibeletho kunabesifazane abangenayo i-HIV.
Umdlavuza womlomo wesibeletho ungumdlavuza wesibili obulala abantu abaningi kuleli.
USolwazi Gary Maartens ongomunye wabhali balolu cwaningo oyinhloko yophiko lwe-Clinical Pharmacology e-UCT, uthe ukuhlolelwa umdlavuza womlomo wesibeletho kaningi kuyanconywa kwabesifazane abanegciwane lengculazi.
Uqhube wathi ingozi yomdlavuza womlomo wesibeletho phambilini beyiphezulu kwabesifazane asebekhulile (abaneminyaka engu-65 kuya phezulu), kodwa manje izinto sezishintshile, izimpawu zawo zivame ukuqala ukubonakala kwabesifazane abaphakathi kweminyaka ewu-20 kuya ku-40.
"Ezinye izimpawu zomdlavuza womlomo wesibeletho zihlanganisa ukuba nezinsumpa esithweni sangasese nezinye izifo ezithathelana ngocansi," kusho uSolwazi Maartens.
UDkt Eliane Rohner weNyuvesi yaseBern, uthe imiphumela yalolu cwaningo igcizelela ukubaluleka kukuhlonzwa komdlavuza womlomo wesibeletho kusanesikhathi, ikakhulukazi kwabesifazane abanegciwane lesandulela ngculazi.
"Inkinga enkulu yalo mdlavuza wesibeletho siyibone kwabesifazane abasebasha kuya kwabaneminyaka ephakathi nendawo, babethwele kanzima kakhulu umdlavuza womlomo wesibeletho."