UKUZICWALA nokwenza ikhanda ngezinye zezinto ezenza owesifazane azizwe eyintokazi yakwabo. Ukwanda kwezitayela zakamuva kufika nemikhuba emisha njengokuluka cishe zonke izitayela kusetshenziswa i-gel. Yize umuntu ephuma emuhle ngosuku lokuqala kodwa iningi labesifazane lishaya amakhala ngalokhu ezinkundleni zokuxhumana. Ongoti bokuzicwala bathi kufanele lo mkhuba we-gel ungahlali kahle ngoba izinwele zabantu abamnyama azidalelwe ukugxila kwi-gel nokudala izinkinga.
Ungoti wokuzicwala nesikhumba, uNkk Penelope Mkhize woBuhle Beauty Academy uthe yize ukuluma kwekhanda kuyinto ejwayelekile kodwa akufanele umuntu aphile ngokuzinwaya. UNkk Mkhize uthe kunamafutha emvelo ahluma nezinwele nahlala esikhumbeni athe ayamunceka asheshe aphele ngesikhathi uhleli ne-gel ekhanda nokuyinto engafuneki.
"Akulungile ukuphila ngayo ngoba akufanele ihlale esikhumbeni, yayenzelwe imicimbi yesikhashana njengokubopha igoda bese uyayigeza. Inkinga uma ithelwa amanzi noma ujuluka iyavokomala ibe mhlophe kungabe kusabukeka, kwabanye kwakheke inkwethu. Amakhemikhali akhona alimaza isa izinwele zibelula bese ziphelelwa imisoco," kusho uNkk Mkhize.
Omunye ungoti ocwala izinwele enkabeni yeTheku ongeke adalulwe ukuvikela umsebenzi, uveze ukuthi lena ngenye yezindlela zokungenisa imali. Ukusetshenziswa kakhulu kwama -gel uthe kwenza abantu basheshe babuye bezoqaqa benze kabusha amakhanda.
‘Uma uqaphela, ngesikhathi kusalukwa ngezinwele kakhulu umuntu ubehlala ngisho izinyanga ezimbili nomluko. Bekungasizi lokhu ngoba imali ibingena kanye uma kuphele inyanga futhi nabantu sigcina singakwazi ukubaluka bonke. Amasaluni ahlala esebenza zonke izinsuku noma kungeyona i-gel kuphela, kodwa nezinwele ezixhunywayo ziyashisa kakhulu ngoba kusuke kulukwe ngayo i-gel ngaphansi," kusho lo wesifazane.
Ephetha uthe kuba ngcono uma umuntu ezozicelela yena i-gel noma ayenqabe uma elukwa ngayo. I-wax uthe isebenza kakhulu ezinweleni zemvelo kodwa nayo ngeke ayiphasisa ngoba emasaluni kuthengwa ashibhile ukonga imali kanti ishiya izinwele zimhlophe. Yize ama-gel esimanje iningi lawo lingazilungele izinwele kodwa kusekhona abevele esetshenziswa phambilini okuthambisa izinwele nokuphema asenza umsebenzi oncomekayo.
Okumele ukuqikelele uma usebenzisa i-gel ekhanda
-Akufanele uyifake incinze ngendlela engabekezeleleki ngoba lokho kuwuphawu lokuthi ayihambisani nesikhumba sakho.
-Usuku lokonakala komkhiqizo olubhalwa ngaphandle lubalulekile futhi qikelela ukuthi nawe uyalubona ngoba imikhiqizo eminingi kuyenzeka ihlale isikhathi eside ingasetshenziswa.
-Ungahlali nomluko osunomjuluko ohlangane ne-gel uze ube manzi lokho sekuyingozi engona ngisho isikhumba.
-Alingapheli isonto uhleli ne-gel ekhanda ngoba ayigcini ngokulimaza izinwele kodwa nesikhumba singonakala.
-Ungahlala ne-gel yokwenza i-perm noma yokuthambisa izinwele.