NAMHLANJE gizonikeza amasu namacebo labo besifazane abagcina sebekhohlwa ukuzinaka ngenxa yokuthi banaka kakhulu amadoda. Yebo, kusemqoka ukunakekela umuntu othandana naye kodwa phela akumele ugcine usuze wakhohlwa ngisho ukuzinaka wena uqobo.
Ngikholwa ukuthi ngaphambi kokuthi ukwazi ukuthanda nokunaka omunye umuntu, kufuneka uqale ukwazi ukuzinaka wena kuqala. Kunabantu besifazane abangakwazi ukuzipha bona uthando kuqala kodwa bajaha ukuthandaza nokukhothamela amadoda nokwenza ukuthi umuntu wesifazane owenza lokho abukeke sengathi usencenge kakhulu kulolo thando okanye usephilela leyo ndoda nalolo thando akulona.
Nanka amasu angakusiza ukuze ukwazi ukuzithanda wena kuqala.
- Zithande uzinakekele uphinde uqinisekise ukuthi uyazenza wena uqobo ube muhle.
– Yidla noma yini oyithandayo, unelise umzimba nenhliziyo yakho ukuze uzobukeka wondlekile, ungathi usebenza kanzima kodwa uhluleke ukuzijabulisa ngemali yakho.
- Yiba naso isikhathi sabangani bakho. Phuma nabangani bakho noma wedwa okanye nodadewenu niyozijabulisa nizitotose ngezinto ezimnandi. Nibe nesikhathi nje ndawonye ngaphandle kokuthi ulokhu ubukana nombombo wendoda.
- Ungalindeli indoda ukuthi kube iyona ekutshengisa uthando noma ekukhiphayo ekubeni nawe usebenza futhi ungakwazi ukuzenzela.
- Ungagcini usiyile nhlobo yomuntu wesifazane eyondla indoda, ikhohlwe ukuzondla yona. Zibheke izidingo zakho.
- Ungalindi ukuthi uze uthengelwe izipho ukuze ujabule. Zijabulise wena uqobo uzithengele isipho, ungaze ulinde ukuthi into oyithandayo uzoyithengelwa yindoda ngoba ungase ugcine ungayitholanga.
- Ungazikhohlwa ukubaluleka kwakho ngenxa yokuthi usunake ukubaluleka kwalo muntu othandana naye.
- Noma ngabe uyamthanda umuntu wakho kodwa akangaboni sengathi impilo yakho incike kuye ngoba uzokuncikiselela futhi akuthathe kancane.
- Zithande wena ngaphambi kokuthi uthande omunye umuntu okanye ulindele ukuthandwa ngomunye umuntu.
– Uma ungowesifazane, ungabi nandaba nokuthi akekho umuntu okuthanda ngale ndlela ofisa ngayo kodwa zijwayeze ukuzinikeza wena uthando oludingayo.
Ukwenza lezi zinto ezingenhla kuzokusiza ekutheni noma ngabe niyehlukana nendoda yakho, ungazitholi usuphelelwe wumhlaba. Ungenamngani futhi ungazi nokuthi kumele usenzeni isikhathi sakho.
Yebo, kuhle ukuthi ube nesikhathi sesoka lakho kodwa kubalulekile ukuqaphela ukuthi impilo yakho ingabi mayelana nalo kuphela.
Hambela imicimbi yesihlobo, ube khona emishadweni yabangani nokunye.
Yiba matasa ntombazane, unganciki ngesihlahla ngoba mzukwane sawa, siyokubona ubhamazeka phansi kanzima.