Namhlanje ngifisa ukukhuza lo mkhuba osuyinsakavukela umchilo wesidwaba owenziwa ikakhulukazi abantu besifazane wokuhamba becela izinto emadodeni ekungesiwona awabo.
Angiyazi inhloso yalento ukuthi isuke iyini nokuthi isuke iqale kanjani kodwa ngokwami ukubona kuyinto engabukeki kahle ngoba uma ungumuntu wesifazane onengqondo awukwazi ukucela imali, ukudla okanye ukwenzelwa izinto wumuntu wesilisa ongahlangene naye futhi ongahlobene naye. Uyicela kanjani into endodeni yomuntu nawe ube unayo eyakho?
Wake wezwa kuphi umuntu ebhejela ihhashi angaligibeli? Anazi yini ukuthi inkomo idla la eboshwe khona? Akukaze futhi kwenzeke ukuthi umuntu aqashwe enye inkampani ebese eholelwa enye. Ngakho ke ngibone kungcono ukuthi ngikhuze lo mkhuba wenu wokuhamba nicela emadodeni abantu.
Ngalokho anigcini ngokuzehlisa isithunzi kuphela kanye nokudelela abantu abathandana nalawo madoda enifuna kuwona izinto kodwa nehlisa namadoda enu isithunzi. Nikhombisa ukuthi awayilutho kangakanani nokuthi awanalo usizo kunina.
Uma uhluleka ukuthola lento oyidingayo endodeni yakho uze ubone kungcono ukuthi uyicele kwenye indoda, sikuphi ke isidingo sokuthi uqhubeke nokuthandana naleyo ndoda yakho? Kungani ungatholi umuntu ozokwazi ukumelana nezidingo zakho uyeke ukuhlupha amadoda abantu?
Kuwumkhuba omubi futhi onyanyisayo ngoba awukwazi ukuthi ungasakaza ikiwi kaMkhize ebese imali uzoyicela kaGumede,cha impela ngiyanqaba zingane yakwethu inkomo idla la eboshwe khona. Bakhona ke nabesilisa abanalo mkhuba kodwa ke bona uthola ukuthi umuntu unentombi yakhe ayithandayo nayenzela konke kodwa futhi uhambe ecelana nezithombe ezigangile kwabanye abantu besifazane.
Omunye aze acele nocansi impela. Ayi bo ama nudes awuwafuni ngani kuleli hhashi olibhejelayo, habe kanti nina niphuma emakhaya anjani ngempela nangenwa ingqondo ebheda kangaka?
Ungavumi nje ukuba isidlalo sabantu abazothi bangazizwa benomzwangedwa ebese becabanga ukukhohlakala kwabo besebenzisa wena. Nawe bhuti ungavumi nje ukuba ubhuti umaninginingi ozohamba ephakela wonke amantombazane anabantu bawo kodwa azolokhu efunana nokuxhaphaza wena. Umuntu uma ekucela imto mbuze ukuthi iphi indoda yakhe umbuze ukuthi akaceli ngani kuyona.
Ngikhuluma kanjena nje sekukaningi ngibona abantu besilisa bekhala ngabesifazane abahlale bekhalisa okwamaphuphu enyoni ezinkundleni zokuxhumana. Ngisho ezindaweni zobumnandi uyabathola futhi umuntu ageze nje impela anuke kahle ahambe ayosaha amadoda abantu ematshwaleni.Iphi eyakho?
Awuhambanga ngani nayo uyaphi futhi ungenamali. Uthi uzothengelwa indoda kabani ngempela ngoba phela uma ngabe ungenamali hlala phansi udle uphuthu lwakini uphuze amanzi ulale uyeke ukuhamba ukhamisela amadoda abantu. Intombazane nje ehamba icela emadodeni umbhedo wento leyo. Uma ungenayo into nendoda yakho ingenayo nabangani bakho nezihlobo zakho zingenayo vele ukhohlwe nje iyona.
Musani ukuhamba nizihlambalaza ezinkundleli zokuxhumana nizenza izilambi. Noma ngabe uyazibona ukuthi ngomzimba wakho ungathola noma yini oyifunayo kodwa sisi hhayi emadodeni abantu.