Ngiyazi ukuthi kunalento yokuthi uthando aluboni nokuchaza ukuthi uma usemathandweni, kuyenzeka udidiseke ugcine usufathuza eceleni usuwenza izinto ezingasile. Kulowo mzuzu wena awuboni ubona konke kuhamba kahle kodwa abantu abasondelene nawe bayabona ukuthi sengathi uyaduka ke manje.
Le nkulumo ngiyishiso ukuthi kunamadoda aphila ngaphansi kwezimo ezinjalo, adela konke uma esethanda umuntu. Uyazi angaze adele ngisho ikhaya nabazali ngenxa yothando nje lulodwa. Namhlanje ngithi angisukume ngikhuze umhlola bakithi owenziwa amanye amadoda futhi osuthanda ukuba insada nje impela. Kunale nkomo kamama ebizwa ngomqhoyiso ekhokhwa yinsizwa noma yindoda uma ilobola intombi nto. Lokho kusuke kusho ukuthi leyo ndoda ihlawula ukuthi ihlofe yangena yathatha onkomo kamama.
Leyo nkomo iyigugu ngendlela yokuthi uma owesilisa eyolobola kubo kantombazane, kumele ayikhokhe, kodwa ke ayikhokhelwa noma ubani ikhokhelwa kuphela owesifazane okwazile ukuyizigcina. Kamumva ke nje kukhona amadoda asekhokhela omama bezingane abangakhuleliswanga yibona umqhoyiso. Uthole ukuthi umuntu uzithandanele nengudla mawa endala eyayikade ihamba ivula imilenze kodwa ngoba imdidisile, avele adele konke aze ancamele ukuyokhokha nomqhoyiso angawazi nokuthi wasala kubani kuziphi izinkalo.
Yehheni bo nanku umhlola! Omunye uthole ukuthi bavumelene nentombi yakhe ukuthi ngoba uyayithanda futhi ayinangane, icela uwukhokhe lo mqhoyiso noma ungawudlanga ukuze ingeke ihlazeke emndenini wayo. Madoda uvuma kanjani ukukhokha into ongayidlanga, into ongayificanga ongazi nokuthi iphunga layo belinjani? Kwenzeka kanjani ukuthi umqhoyiso uqhobozwe enye indoda bhusende ebese kuthiwa akukhokhe wena?
Ngiyazi ukuthi uma usemathandweni wenza noma yini ukugcina umuntu wakho ejabulile kodwa kunezinto okungamele uzivume nangephutha, uze utshele abakini ubakhohlisa uthi leya ntombazane yakwaGumede yoniwa uwena usho uqamba amanga aluhlaza, uyifice vele isiyonakele kodwa ngoba uyayithanda uyayivikela awufuni iphoxeke emphakathini. Omunye nkosi yami uthole ukuthi akawazi kwamqhoyiso loyo ukuthi uyini kuyena nje uma efice intombazane engenayo ingane uzishaya zonke ziphelele noma ngabe ihlo belingasekho, akanandaba ngoba vele akazwanga udlale isigebengu waminca wathi kubuhlungu kanti kade awuqala umkhuba uzididisela wena nje ngoba uyabona ukuthi vele awazi lutho.
Angisho ukuthi ningakwenzi madoda manithanda futhi nisindwa imali kodwa kumina akuwenzi umqondo ukuthi kungafike kudle enye indoda kamnandi ebese wena uzoqhamuka usukhokha?
Lokho kufana nokuthi leyo ndoda idle inkukhu yakushiyela amathambo wena uzowachaba ebese kuthiwa akukhokhe wena, futhi lokho kusijwayeza kabi thina bantu besifazane ngoba sizokwenza imikhuba bese sazi ukuthi nina nizosivikela ngoba niyasithanda. Ngiyacela bakwethu inkomo ongayidlanga ungalokothi uyikhokhele noma ngabe usisi umthanda kanjani, kumele abhekane neqiniso lakhe, kumele asho ekhaya kubo ukuthi umqhoyiso wadliwa ubani. Ungavumi wena ukuthwala izono ongazazi ngoba kusasa uzohamba ekhuluma ngawe kubangani bakhe ebatshela ukuthi wena wakhokhela inkomo kanina ekubeni ungayificanga. Uthole ukuthi mhlawumbe ukubiza ngesilima sakhe uzibonela upopayi nje ongazi lutho.
Ngicela ningadidiseki bobhuti ngoba leyonto yehlisa isithunzi samadoda, umuntu akakhokhelwe lapho kuthathwe khona ubuntombi bakhe. Wena ongawutholanga umqhoyiso ungalinge uzihlanganise nokukhokhwa kwawo.