NAMHLANJE ngihlale phansi ngacabanga ngalaba bantu abavele bathathe isinqumo sokuthi abasafuni ukuzibandakanya nezothando, ngabona ukuthi basuke sebekhathele bo!
Uyazi kukhona isikhathi lapho uthando luvele lukuphike, uthi uyazama kungalungi uze udinwe, yingakho- ke abanye begcina bedubile. Into ebuhlungu ngothando wukuthi kunzima ukuziphilela wedwa, uma usulwazi uthando ngoba ekugcineni kosuku, uyadinga ukuba nomuntu eduze kwakho. Uyadinga futhi ukwenelisa izidingo zenyama. Inkomo kayibi nandaba nokuthi wena uhlukumezekile othandweni, waze wakhetha ukuyeka, okusalayo yona ifuna into yakhona. Kunzima bakwethu emkhakheni wezothando akudlalwa.
Uyazi ngize ngifise sengathi ongakalwazi uthando angabe esaqala nhlobo ngoba uzobe ezibizela usizi nomzwangedwa. Ngikhuluma nje kunabantu abangasayithandi indaba lapho bekhona ngoba bayabona ukuthi umkhumbi wabo uyazika kancane kancane, abanye abasazazi noma basathandana yini.
Uyazi emkhakheni wezothando kufuneka uqine, uhlome ukuze uzokwazi ukubhekana nezinselelo zakhona, kanjalo nezimpi zangaphakathi. Into ebuhlungu kakhulu ngothando wukuthi umuntu osuke umthanda kakhulu uvele uthole ukuthi yena akanendaba nawe, okanye uthole ukuthi naye unomuntu wakhe amthanda kakhulu ukudlula wena. Bese kuthi lo ongamthandi kuvele kube wuyena okunikeza uthando oluxakile. Into ebuhlungu ngothando wukuthi uma usangena kulo, ungena kamnandi, yonke into ihambe kahle. Kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi ziyajika izinto, angiphathi-ke uma kuthandana abantu abantekenteke, lubhidlika manje.
Ngifisa ukukhuluma nabantu okungabahambeli kahle emkhakheni wezothando, laba bantu asebezamile kaningi bengena bephuma othandweni kodwa kungalungi. Abanye sebeze badikibala, abanye sikhuluma nje banenzondo, kabasayifuni into ehlangene nomuntu wesilisa noma wesifazane. Abanye sebeze bathatha isinqumo sokuthandana nabantu bobulili obufana nobabo ngoba kabasazi ukuthi yikona kuphi okuzolunga. Lalela mnta kamama, kunzima kule ndima, akudlalwa. Ningibona nje nami kangisayithandi indaba. Babili bathathu okubahambela kahle. Ngisho ngabe unguchwepheshe kangakanan, uthando luyabukisa ngawe ebantwini.
Into engifisa ukunitshela yona wukuthi qinani noma ngabe yiziphi izinkinga enihlangabezana nazo othandweni yibani nesibindi sokubhekana nazo nikwazi ukubambisana ngoba kulo mkhakha ukuze izinto zizosebenza kudingeka sengathi nobabili ningakhuthala, angabi khona oqhuba omunye ngamadolo. Akafuneki umuntu ozicabangela yena kuphela othandweni, ongenandaba nokuthi omunye umuntu uzizwa kanjani yena. Ubuhlungu bubodwa futhi buya enhliziyweni bonke, noma ngabe wungowesilisa, okanye owesifazane kodwa ubuhlungu buyefana. Noma ngabe usuthathe siphi isinqumo ngenxa yokudlala uthando, angikusoli mnta kamama, ziphilele nesinqumo sakho inqobo nje uma kuyisona esikwenza ujabule.
Yingakho kufanele ngaphambi kokuba uthathe isinqumo, kufanele uqinisekise ukuthi ngeke uzisole ngaso. Kwesinye isikhathi wena ungabona sengathi uthando alukuvumanga kanti uNkulunkulu ubenza icebo lokukuqhelisa kumuntu ongadingeki empilweni yakho, ngoba kukhona abantu esizithola sesibathanda kodwa obonayo ukuthi kabezi nalushintsho, kunalokho basichithela isikhathi. Njengamanje unyaka usuya ngasemaphethelweni, uma kungukuthi uhlulekile kulo nyaka vele uyeke mnta kamama usuyoqala kahle ngonyaka ozayo.
Nakulabo abasafisa ukuzibandakanya nezothando, kulungile bayozwa khona, kodwa kumele bazi ukuthi kunzima emkhakheni wezothando, kuhluleka ngisho abantu abadala ababekade bebona.
Kukhala ngisho ongoti, nani ngaphambi kokuthi ningene kofanele nazi ukuthi nizifaka entweni enjani. Siyababongela labo ezisabahambela kahle izinto, laba asebehlulekile anophinde nizame ngokuzayo, nikhumbule ukuthi abantu kabafani mhlawumbe kuyothuka kuqondana.