UKHUNGATHEKILE owesifazane waseNgwavuma, othi sekuphele iminyaka angu10 engaluthi mbibi ucansi nomyeni wakhe osephila nokukhubazeka.
UNkk Zamaswazi Mncube (48) uthi umyeni wakhe, uMnuz Siphosakhe Mncube, wakhubazeka ngemuva kokudutshulwa.
Inkinga athi ubhekene nayo manje wukuthi usenikezela ngaye kumfowabo, uthi akube nguyena oya naye ocansini ukuze angashiyi umuzi wabo, okuyinto athi ilukhuni satshe kuyena kwazise umfowabo mncane kakhulu ngokweminyaka.
“Akugcizelelayo wukuthi yena usafuna ukuba nendodana yingakho ethi angilale nomfowabo ukuze kufezeke lelo phupho.”
Uthi yena uneminyaka engu-48, umfowabo womyeni yena uneminyaka engu-29. Eqhuba lo wesifazane, ube esechaza umyeni wakhe njengowesilisa onothando lweqiniso, onenhliziyo enhle, onakekelayo futhi omazisayo uNkulunkulu.
Uthe kuningi kakhulu okuhle akwenzelwe ngumyeni wakhe yingakho nje akhetha ukuhlala naye yize engasakwazi ukuzihambela ngezinyawo zakhe.Uveze ukuthi sebegqigqe odokotela abaningi kodwa lutho ukusizakala.
“Usizo ebese siludinga olokuthi induku iqale phansi isebenze yize ehlezi esihlalweni,’’ usho kanjena.
Lo wesifazane uveze ukuthi usephenduke isigqila samathoyizi ocansi azijabulisa ngawo ngenxa yesimo abhekene naso emshadweni.UMncube ukhulume nentatheli, wavuma ukuthi babhekene nengwadla nomkakhe.
Wathi inkinga angeke avume ukuthi umkakhe akhuleliswe ngaphandle ngoba umthanda kakhulu.
Uvumile nokuthi ucele umkakhe ukuba alale nomfowabo omncane. Uthe kodwa bekuyisicelo nje akamphoqile ukuba akwenze lokho.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole insizwa le engumfowabo omncane kamyeni yacela ukuba ligodlwe igama layo. Ivumile ukuthi umfowabo omdala uyicele ukuba ilale nonkosikazi wakhe.
Ithe ayazi kahle ukuthi ngabe lokhu kuwumqondo ophusile yini yase igcizelela ukuthi iyameseka kukhona konke akwenzayo umfowabo omdala.
SITHINI ISINTU NGALOKHU?
Oyisazi sezithinta isintu, uMnuz Bongani Gumede, uthi okucelwa wuMncube akulona ihlazo. Ngokwesintu kuvumelekile, kuphela nje kumele yena nonkosikazi wakhe bavumelane.
“Ukungenwa kukankosikazi akwenzeki kuphela uma indoda ishonile kodwa nangaphansi kwezimo ezifuze lezi, kuyenziwa. Kodwa kuyaye kube yinto ekhulunywa ngabantu abadala futhi abavuthiwe emqondweni ukuze ingabi yindaba egudwini.”