Umbuzo
Ngisize MaGumede nakhu ngixakeka la, umyeni wami ungishintshele esithubeni. Besikade sijabulisana ngocansi ngendlela engingathi ijwayelekile. Agibele phezulu noma kube yimina. Besingebona abantu bezitayela lezi engike ngikuzwe ukhuluma ngazo kule ngosi. Ezinyangeni ezimbalwa umyeni wami ungishintshele, sesithi sizijabulisa avele angiphendule athi angibheke le, ngithi ngisathuswe yilokhu angiphakamise izinyawo angilalise ngecele. Wenza okuningi engingeke ngakwazi ukukubhala la. Into engixakile wukuthi kungenzeka yini ukuthi kukhona owesifazane asethandana naye osemkhombise zonke lezi zitayela abengakaze angikhombise zona. Ngikhathazekile MaGumede, ngisize.
Impendulo
Ngicela ungasheshi ucabange ukuthi kukhona owesifazane osemkhombise izitayela. Mhlawumbe kukhona la efunde khona noma ubuka ama-video ocansi okuyinto etholakalayo nakumaselula ethu. Uma nishadile, kubalulekile ukuxhumana nangezinto ezithinta ucansi. Uma kuwukuthi lolu wulwazi olusha alutholile, lwezitayela zocansi, bekumele niyixoxe. Akutshele nokuthi angathanda ukuzizama, angaqhamuki esekuphendula nje. Musa ukuthula, mbuze ukuthi lezi zitayela uzithathaphi niyixoxe indaba kodwa ungalwi naye. Okunye okubalulekile wukuthi wena uyazithokozela yini lezo zotayela ezintsha. Uma ungazithokozeli, kuhle usheshe umazise. Ungalinge uvume into ongayifuni ocansini ngoba ungagcina ungaluthokozeli.