NGAPHAMBI kokuthi niqede izicoficofi, ake ningisize lapha. Ngithunywe ngamadoda ukuba ngidlulise umyalezo kwabesifazane. Bacela ngibabuzele ngale migilingwane eniyikhulumayo uma nigajwe yinjabulo yocansi.
Bathi basala bedidekile, bengazi noma baphendule noma bacikeke. Okuseqhulwini wukuthi uma senigajwe yinjabulo nibacela ukuthi bawufake wonke. Manje umbuzo abasala nawo, ngowokuthi ngabe nisuke ningabezwa yini? Nisuke nisalindele omunye yini? Bakhala ngokuthi bona basuke sebekwenze konke okusemandleni abo, sebekufakile lokho abanakho kodwa niyaqhubeka nifune osekungaphezu kwabanakho.
Bathi into eniyishoyo ibenza bazenyeze, bazibuze ukuthi ngabe induku incane ngaleyo ndlela?Ingihlekisile le ndaba, yize bengingaqondile ukuhleka kodwa ngizithole sengihleka impela. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi amanye amadoda ayashesha ukuzwela uma kuza ngakuwona. Yize engithumile kodwa ngiwachazelile ukuthi lokhu akwenziwa wukuthi nisuke nifuna bathasisele ngomunye uphawini kodwa nenziwa yinjabulo nobumnandi. Ngize ngafanekisa ngale nto abayishoyo yokuthi bathi asivule. Nathi kwesinye isikhathi umuntu usho njalo ekubeni ebona kahle ukuthi usunikele ngakho konke onakho. Siyakuqonda ukuthi le nto ihambisana nenjabulo nobumnandi phakathi.
Ziningi izinto esizishoyo uma siya ocansini futhi akumele sizibeke ezinhliziyweni ngoba esikhathini esiningi ucansi lwenza abantu bahheme. Umuntu uzithola esekhuluma imbudane angayazi. Omunye wenza izethembiso ezinkulu athi uzokuthengela ibhanoyi ekubeni engenayo nemoto yodwa le. Konke lokho kufanele sikuqonde ukuthi usuke engazenzi futhi kusuke kungakhulumi yena kodwa usuke enziwa ubumnandi bocansi.
Ngicela obhuti babeke phansi umoya bazi kusukela namhlanje ukuthi izinto esizikhuluma ngesikhathi somdavazo, sisuke singazizwa ukuthi sithinin kodwa akusiyona into embi ukukhuluma nokuxoxa ngezinto ezimnandi ngesikhathi niya ocansini ngoba lokho kuyasiza ekunyuseni umdlandla. Ucwaningo lakamuva luveza ukuthi abantu abakhuluma imikhuba ngesikhathi socansi, yibona abalithokozela kakhulu ngoba basuke bekhululekile ukuveza imizwa yabo.
Ngihlale ngiluleka abantu ngokuthi umsindo owenzeka ngesikhathi socansi ubalulekile futhi uyadingeka. Kumnandi uma kunokutswininiza kancane nendoda ibhonge sakububula ukuze kucace ukuthi nigudla nalo ngempela ucansi. Anidlali! Niyazitika ngempela. Akukhathaleki ukuthi imikhuba niyisho ngesiZulu okanye ngesiNgisi kodwa okubalulekile ukuthi kukhona enikuxoxayo ukuze kube mnandi.
Ngiyakhumbula nje omunye ubhuti engangizwana naye, sasithi uma siya ocansini angixoxele ngosisi ayethandana naye, owayenenkomo enkulu nokuthi wayemjabulisa kanjani. Yize kwakungehli kahle kimi ngoba ngangibona sengathi ucabanga ngaye kodwa ngangibuye ngithi kulungile ngoba kumnandi siyenzana. Ekugcineni akekho ongeke afike kuvuthondaba. Uma sesiqedile wawungathi akakaze asho lutho nhlobo.
Uma sihhema ngesikhathi socansi, ningaphatheki kabi kusuke kumnandi hhayi ngoba sisuke siqonde ukunihlukumeza. Sisuke senzela ukuthi imizwa inyuke mawala ngoba ngenye yezinto ezisifikisa kuvuthondaba masinyane. Ngiyanigqugquzela ukuthi nibavumele abantu benu bahheme ngendlela abafisa ngayo yikhona bezojabula. Ngiyathemba niphendulekile.