YIZE kungemnandi ukuba ngumakhwapheni kodwa iqiniso lithi baningi omakhwapheni lapha emnyango. Akukhathalekile ukuthi ungowesilisa noma ungowesifazane kodwa kuyenzeka ukuthi ube ngumakhwapheni.
Angiwugqugquzeli lo mkhuba. Kujwayelekile ukukuthi ungaphethi kahle futhi kwesinye isikhathi kuqhuma idivosi, kuhlukane abantu abesethandane iminyaka ngenxa nje kamakhwapheni. Kuyenzeka ukuthi ubenenhlanhla, mhlawumbe izinto zingahambi kahle kumaqondana ugcine usuthola isicoco sokuba ngumaqondana, usuka ekhwapheni.
Yingakho namhlanje ngifuna sibhekisise lento yokuba ngumakhwapheni. Umakhwapheni ngumuntu othandana nomunye ekubeni azi kahle ukuthi unomaqondana wakhe. Usuke etsheliwe zisuka nje, ukuthi uncikisiwe.
Empeleni, isuka kuphi futhi igcina kuphi into yokuba ngumakhwapheni?Yimiphi imigomo okufanele uyilandele uma ungumakhwapheni ngoba usuke uvumile. Ukuvuma kwakho kusho ukuthi kumele ulandele imigomo nemibandela yokuba ngumakhwapheni. Ngifisa ukukhuluma kakhulu nomakhwapheni ukuze bayiqonde kahle indima yabo. Ziningi izizathu eziholela ekutheni umuntu agcine evuma ukuba ngumakhwapheni. Kungaba ukuthi loyo muntu ozokwenza umakhwapheni uyamthanda awufuni akulahlekele yize ekutshela kahle kamhlophe ukuthi ushadile okanye unomuntu oqondile athandana naye. Okuhlekisayo ngomakhwapheni wukuthi bafike bavume kahle uma uthando lusaqala, bathembise ukuziphatha kahle nokuhlonipha ungqo, nokulalela yonke imiyalelo nemigomo okusuke kumele bayigcine. Ekugcineni bayehluleka!
Uma ungumakhwapheni kufanele wazi ukuthi kuzoba nesikhathi lapho ongeke umthole othandiweyo wakho ngenxa yokuthi usuke enalo omfice ethandana naye. Ngisho isikhathi sokumfonela uyanqunyelwa sona ngoba akufanele uphazamise noma wenze into ezodala ukuthi umuntu wenu abanjwe. Uma ungumakhwapheni uphila kanzima othandweni ngoba kuba nezikhathi lapho ofisa sengathi ungaba seduze kothandiweyo wakho kepha uthole ukuthi akatholakali ukumaqondana.
Konke lokho kufanele ukwamukele ngoba wangena wazi. Yilapho ke kuqala khona inkinga,uthole ukuthi umakhwapheni useyahluleka ukuzibamba uthando selungamandla nenkumbulo isithe bhe agcine esefuna ukuziveza kungenasidingo. Uthole ukuthi umakhwapheni usefona ngesikhathi okuthiwe angafoni ngaso, useyabhoka uyashwabula akasabambeki usebona nokuthi akanakiwe.
Kunzima ukuphila impilo yokuba ngumakhwapheni ngoba usuke ungene wazi ukuthi kufanele ubhekane nanoma iyiphi inselelo eqhamukayo. Kuyenzeka ukuthi ngalelo langa ukhanukele ukuya ocansini kodwa kumele ulinde ngoba umuntu wakho akatholakali unomaqondana wakhe. Into engifisa ukuyitshela omakhwapheni ukuthi kumele babekezele ngoba bayazikhethela ngenxa yezizathu zabo. Yekani ukufuna ukuziveza, nimoshe uthando lwabantu enibafice bethandana. Kumele nazi ukuthi niyovela uma sekufanele. Mhlawumbe ngeke ugcine ngokuba umakhwapheni mhlawumbe ungagcina usungqo! Ngakho musa uzakhela isigcwagcwa kumuntu ugcine sewaliwa ngenxa yokuba umakhwapheni ongafihleki.
Uma ungamtholi owakho wedwa futhi ungafuni ukuba umakhwapheni kungcono uhlale, ungajoli. Uma kudaliwe uyogcina umtholile owakho. Kodwa ungavumi ukwenziwa isilima ngoba ungumakhwapheni. Uma ubona ukuthi imigomo yakhona ayihambisani nawe, phuma kulobo budlelwano! Ungavumi ukubulawa umzwangedwa ongenasdingo.